UZOYISEBENZISELA ukukhokhela ezinye izinto ezingakhokhelwa yisikhwama esixhasa izitshudeni, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), imali anikwe yona oklonyeliswe wumasipala ngokuphasa kahle.
UMalusi Nxele ongomunye wabafundi abaklonyeliswe wuMasipala uMhlathuze ngo-R10 000 emcimbini obuwenziwe yilo masipala wokuklomelisa abangu-20 abaphase kahle u-matric ngo-2023 abebefunda ezikoleni ezingaphansi kwalo masipala, nabafundi ababili abakhethe ukwenza izifundo ze-Electrical Engineering, ngosizo lwenkampani ekhuthaza ukuthi abafundi bafunde iScience, Technology, Engineering neMathematics (STEM). Abafundi abaklonyeliswe ngokuphasa kahle bathole imiklomelo engama-laptop, izitifiketi no-R6 000 wokubhalisa.
UNxele owenza i-Electrical Engineering, eNyuvesi yaseZululand, ophikweni oluseRichards Bay, ubefunda eMangwe High, uthe ukufunda kwakhe kukhokhelwa yiNSFAS kodwa zikhona izinto okubuye kudingeke ukuthi zikhokhelwe umzali. Le mali izomsiza lapho.
UMnuz Nkululeko Mbuyazi uthishanhloko waseMangwe, uthe kuyabajabulisa ukuthi umasipala ubone umsebenzi abawenzayo ngokuthi uklomelise abafundi.
“Isikole sethu siphase ngo-100%. Ukuze abafundi bethu bafunde izinto ezizobasiza, zisize nendawo abahlala kuyo, nyakenye siqale uhlelo lokufundisa iCoding & Robotics okuyizifundo ezisiza ekutheni zixazulule izinkinga kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Uthe ngokubambisana nenye yezinkampani, abafundi bakhe irobhothi elikutshelayo ukuthi uma unephepha ongasalidingi lifake kulo mgqomo.
“Inkinga yemfucuza elahlwa budlabha inkinga ekhona emphakathini, abafundi bafuna ukuyixazulula. Isikole sethu asigcini ngokufundisa abafundi bethu kuphela kodwa sisiza nabafundi baseDover Farm School nabaseZiphozonke High uma befuna ukwenza izifundo zeCoding neRobotics.
IMeya yaseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, ithe bakhuthaza ukuthi abafundi bafunde izifundo ezizobavulela amathuba omsebenzi khona endaweni.
“Sinezimboni ngakho kubalulekile ukuthi abafundi bafunde izifundo ezzaziwa ngeSTEM ngoba izimboni eziningi zidinga lawo makhono. Siyafisa isikole Amangwe High siqhubeke sibe yisikhungo esizofundisa ezinye izikole kusetshenziswa ezobuchwepheshe ngeCoding neRobotics,” kusho uNgwezi.