IVEZA ukuthi kusazovela amanye amanyundululu ngesikhulu sikaMasipala weTheku esiyinhloko yoMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko imithombo engaphakathi kulandela ukunikwa kwaso incwadi okuhloswe ngayo ukusimisa emsebenzini.
NgoLwesine, kuphutshuke incwadi eyimfihlo, ebiveza ukuthi ngoMeyi 22, uDkt Simphiwe Ndlovu, unikwe incwadi ebimyalela ukuthi angeqi amahora angu-48 engakachazi ukuthi kungani kufanele engamiswa emsebenzini.
Le ncwadi ithi uNdlovu kufanele aqinisekise ukuthi uyayiletha impendulo ngoMsombuluko.
Kuyo kuvela ukuthi wagunyaza ukukhokhelwa kukatshwala ngemali eshisiwe emcimbini iMother Of All Festivals eyayiseDurban ICC ngoDisemba 15, nyakenye.
Imithombo ithi kulo mcimbi uNdlovu wagunyaza ukukhokhelwa kotshwala bemali eyevile ku-R80 000.
“Yathi uma ihanjiswa kumgcinimafa i-invoice eyayifaka phakathi nenkokhelo yotshwala, waphawula ekhasini elalikhombisa inkokhelo yotshwala, wase eyibuyisela emumva ukuba ilungiswe,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe esikhundleni sokuthi ilungiswe, kwahleshulwa lelo khasi elalingokuthengwa kotshwala, yabuyiselwa kumgcinimafa i-invoice isanesamba esifaka phakathi imali okuthengwe ngayo utshwala, kwagcina iphasiswa.
Umthombo uthe ngaphandle kwalezi zinsolo, kusazovela ukuthi lesi sikhulu sibhubhudla imali kamasipala ngendlela engafanele.
Sisolwa ngokuthi sinokugunyaza ukukhishwa kwemali ngamaprojekthi athile, agcina engenziwanga.
“Phakathi kwawo kukhona eka-R1.8 million okwakufanele kulungiswe izindawo zomphakathi zokubuka ibhola lombhoxo nyakenye, KwaMashu. Le mali yaphuma kodwa azizange zilungiswe izindawo kuleli lokishi,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kukhona nengu-R25 million eyagunyazelwa ukukwakhiwa kwezinkundla zemidlalo emawadini angu-25, eThekwini, kodwa okungakaze kwenzeke.
“Ezinye izinsolo ezokuthi ekuqaleni kwalo nyaka uthenge izimoto ezintathu; ama-Toyota Hilux, wanikela ngazo esifundeni saseThekwini se-ANC,” kusho umthombo.
Omunye umthombo, nawo olwazi ukusuka nokuhlala olukaNdlovu, uthe okubakhathaza ngaye ukuthi ugabe ngokuba ngumngani omkhulu wemenenja yeTheku, uDkt Musa Mbhele.
“Lokho kumenza azenzele umathanda emnyangweni awuqhoqhobele ngokwazi ukuthi uGumede ngeke amthathele zinyathelo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi unerekhodi lokwenza kabi ezindaweni ake aphatha izikhundla kuzo, wathi ebhange iThala naseMnyangweni wezaseKhaya, washiya igama elibi ngezenzo zenkohlakalo.
Okhulumela umasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, uthe umasipala awuzixoxi nabantu bangaphandle izinto zangaphakathi ezithinta abasebenzi.