UKHOMISHANA wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemula, uncome ukusebenza kwamaphoyisa evimbezela abasolwa eMakhado, eLimpopo, ngoLwesihlanu ntambama.
Ukunyuka kwezigigaba zokuhlaselwa nokubanjwa kwezimoto ezithutha imali eLimpopo, Mpumalanga naseGauteng, kwenze amaphoyisa aqala uphenyo olunzulu ngemigulukudu eyenza lobu bugebengu.
Ngokusho kwamaphoyisa, uphenyo ngeqembu lemigulukudu luqale ekuqaleni kwalo nyaka kuhlanganiswa ubufakazi kulandelwa nomkhondo wabasolwa.
NgoLwesihlanu, amaphoyisa abehlome eyizingovolo anikele emzini kaNokusho e-Elti Villas okuthiwa ubusetshenziswa ngabasolwa uma ukuhlela imisebenzi yabo.
Kukhona nabesifazane ababili kubasolwa abangu-18 abavinjezelwe amaphoyisa bezama ukugebenga imoto yemali eMakhado ELIMPOPO. @IsolezweNews 🎥 SAPS pic.twitter.com/nbjlNCmXNN
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) September 1, 2023
Ngokwesitatimende samaphoyisa aseLimpopo, amaphoyisa abingelelwe ngezulu lezandla ekhuleka kulo muzi, kwaba wungaphansi nongaphezulu.
Lokhu kudubulana kuthathe isikhathi esingangehora kwasala enkundleni abasolwa abangu-19, kulaba basolwa kukhona nabesifazane ababili.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uncome kakhulu ukusebenza kwamaphoyisa kulesi sigameko.
“Sikubonile ukusebenza kwamaphoyisa eMakhado, ngoLwesihlanu, okuthe emva kokuzwana amandla ngezulu lezandla phakathi kwamaphoyisa nemigulukudu, kwasala enkundleni abangu-19 zabasolwa,” kusho uCele.
Lo ngqongqoshe ubuye wafisela, uLieutenant Colonel Joe Coetzer, ukululama okusheshayo ngemuva kokulimala kwakhe kulesi sigameko.
UCol Coetzer (55) ulashelwa esibhedlela sasePitoli kanti kubikwa ukuthi uzonqanyulwa umlenze wakwesokudla ngenxa yokulimala.