IMEYA kaMasipala uMngeni, uMnuz Chris Pappas, ithi ikhansela elibulewe uMnuz Nhlalayenza Ndlovu (46), layiluma indlebe ngomuntu elalimsola ukuthi uyingozi. UNdlovu, obenguSotswebhu kumasipala, ungenelwe ekhaya ngamadoda angaziwa amdubula waphelela lapho ngoLwesibili.
Isigameko senzeke emzini kaNdlovu eMasosheni, eMpophomeni, ngezithuba zika-7.30 ebusuku. UNdlovu udutshulwe phambi kwezingane zakhe ezintathu okubalwa nosana olunezinyanga eziyisithupha, umkakhe, nomzanyana.
Kuthiwa kutholakale amagobolondo ezinhlamvu cishe ayishumi futhi isicabha sangaphambili besinembobo zenhlamvu. UNdlovu udutshulwe emzimbeni nasekhanda kanti kuthiwa amaphoyisa amthole elele edamini legazi ebheke phansi.
UPappas, uthe uNdlovu uke wamuthi fahla ngomuntu thizeni abemsola ngokuba yingozi.
“Impela uNdlovu wake wangiluma indlebe ngesonto eledlule ngomuntu ayekholwa wukuthi uyingozi kodwa okuningi ngikuxoxa namaphoyisa. Sikhiphe umehlokaboni kaR100 000 kumuntu ozosiza kubanjwe, kugwetshwe ababulali,’’ kusho uPappas.
Uchaze uNdlovu njengendoda ebithanda uxolo futhi ivuthiwe emqondweni ibeka phambili izindaba zentuthuko.
“Kimina ubefana nomeluleki ngezikhathi zobunzima nomsindo. Sigqemeke engeqiwa ntwala ngokuhamba kwakhe. Sizimisele ukuthi senze konke ukuze kutholwe ababulali, ikakhulu labo abangobhongoza ngoba yinto ehleliwe lena,’’ kuchaza uPappas.
Ilungu lomndeni uMnuz Sthe Ndlovu, lithe alikwazi ukukhuluma ngodaba ngoba bewumndeni basabhunga ngalo. Ubezwakala ukuthi udangele kakhulu ekhulumela phansi.
Izinhlaka ezehlukene zikhiphe izitatimende ziduduza umndeni neDA. Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal likhiphe isitatimende. USihlalo weSALGA, KwaZulu- Natal uMnuz Thami Ntuli uthe amaphoyisa kufanele aphenyisise.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColone Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpophomeni, aphenya icala lokubulala.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-46, ehlaselwe emzini wakhe eMidmar View, eMasosheni. Amaphoyisa afike elele edamini legazi kanti kuthiwa uhlaselwe ezihlalele emzini wakhe wadutshulwa washonela endaweni yesigameko,’’ kusho uNetshiunda.