KUBATSHAZWA ukwanda kokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni eMayville, eThekwini kuhlaselwa onogada okuthiwa bebegade abebezolungisa ugesi endaweni, ngoLwesithathu emini.
Lesi sigameko esishaqise abaningi kuthiwa senzeke eNsimbini eMayville, Kuthiwa abantu kule ndawo bebeninkinga yokunqamuka kukagesi okuholele ekutheni kufike abasebenzi benkampani ewulungisayo ekuMasipala weTheku, bephelezelwa ngonogada benkampani Imvula Security.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Bhekisisa Mngadi, uthe abazibonele, bathi kuqhamuke imoto emhlophe inabasolwa, bafuna ngodli izibhamu konogada okugcine kuba nokudubulana phakathi kwabo nabasolwa.
“Kudubuleke unogada oyedwa waphelela endaweni yesigameko, kwathi abanye balimala baphuthunyiswa esibhedlela. Ngifike kuleya ndawo umufi esemboziwe kanti omunye unogada obelimele ubesemotweni amaphoyisa ethatha isitatimende,” usho kanje.
Uqinisekise ukuthi ngowesilisa unogada odlule emhlabeni ngenxa yalesi sigameko. UMngadi uthe ukuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni kule ndawo sekuyinsakavukela, okwande kakhulu ukuphathwa kwazo emva kwezibhelu zango-Julayi 2021.
“Akusaphephile neze lapha. Nakuba abasolwa bekwazile ukudubula kwashona unogada, kodwa bahlulekile ukuthatha izibhamu okukholakala ukuthi bekuyinto abebeyifuna kakhulu,” kusho yena.
Kuthintwa amahhovisi enkampani, Imvula Security ozichaze njengosebenza kwandabazabantu kule nkampani ukuqinisekisele ukuthi bayazi ngalesi sigameko, wathi abagunyaziwe ukwanda ngemininingwane kwabezindaba.
Ukuhlaselwa konogada beqaphe ukuvikeleka kwabasebenzi bakaMasipala weTheku abasuke bejutshwe ukwenza umsebenzi womphakathi ezindaweni eziwakhele, akusiyo into entsha njengoba kuthe nyakenye KwaMashu, iqeqebana labesilisa ababehlome ngezibhamu ladubula labulala onogada ababili ababeqaphe abasebenzi bakamasipala bashonela endaweni yesigameko.
Mayelana nesigameko sangoLwesithathu, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMayville aphenya icala lokubulala nawokuzama ukubulala.