AKHALA ngokuhlawuliswa izizumbulu ngumlimi omhlophe amadoda aseMbonjane, eMophela emuva kokuthi izinkomo zawo zingene epulazini lakhe.
Ngokusho kukaMnuz Mntonjani Robert Luthuli (74) izinkomo zabo bezijwayele ukuyodla epulazini zingaboshwa kodwa kuthe uma selithengwa ngomunye umlimi baqala baba nezinkinga zokuthi ziyaboshwa uma zingena epulazini.
“Okusiphethe kabi wukuthi umlimi akabiyile lapho kungena khona izinkomo. Alikho nebhodi elixwayisa ngokuthi akayidingi impahla ukuba ingene kuleya ngxenye yepulazi. Ngosuku ufuna uR50 uma inkomo yakho eyibophile. Mina ngiboshelwe izinkomo ezintathu. Anginayo imali yokuzikhipha njengoba ngiphila ngokuhola impesheni,” kusho uLuthuli.
Uthe bayafisa ukuthi kungenele uMnyango wezoLimo ngoba izinkomo zabo phambilini bezidla lapho seziboshwa khona manje.
Omunye umnumzane okhiphe izinkomo zakhe ezintathu ngoR2 000, uthe bayafisa ukuthi kungenelele aboMnyango wezoLimo ngoba izinkomo zabo bezidla zikhululeke phambilini kodwa seziyaboshwa njengoba ipulazi selithengwe wumlimi omusha.
Uthe okwamanje bebengakalubiki enkosini lolu daba bebesazizamela bodwana eceleni ukuluxazulula.
UMnuz Reggie Ngcobo obhekele ezokuxhumana eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kuzwelonke, uthe abalimi ababoshelwe izinkomo kufanele babanike igama lepulazi ukuze bathumele uphiko lwabo lwezomthetho ukuba lulungise lolu daba.
UMnuz Bruce Mattison ongumnikazi wephawundi eligcina imfuyo esuke iboshiwe, uthe abalimi ababoshelwe imfuyo bangeza ephawundini lakhe bazolanda imfuyo.
Uveze ukuthi ngokomthetho i-Animal Identification Act ka-2002 yonke imfuyo kufanele ibe nophawu oluhlukile okuyilona umnikazi wayo abona ngalo ukuthi ngeyakhe.
“Imfuyo esuke iboshiwe ilethwa ephawundini lami eliseHowick bese idedelwa uma umnikazi eseyikhombile. Angeza yedwa noma ahambe namaphoyisa emfuyo ukuze athole izinkomo zakhe,” kusho uMattison.
Ukugcizelele ukubaluleka kokumakwa kwemfuyo ukuze kusheshe kucace ukuthi ngekabani.
Imizamo yokuthola umlimi ukuze aphawule ayiphumelelanga njengoba Isolezwe lingayitholanga inombolo yakhe yocingo.