INHLANGANO elwela amalungelo abampofu, iDudula Movement, ikhala ngokuvalwa kwabadayisa amashibusi noswidi ezitimeleni zaKwaZulu-Natal.
UNobhala weDudula Movement esifundazweni, uMnuz Bhekie Dzanibe, utshele Isolezwe ukuthi iPassenger Rail Agency South Africa (Prasa) yethule izitimela ezintsha yase ivala ukuthi kudayiswe kulezi zitimela.
UDzanibe uveze ukuthi phambilini abadayisi bebethwala amashibusi, oswidi, amagwinya neziphuzo ukuze badayisele abagibeli bezitimela KwaZulu-Natal.
“IPrasa yethule izitimela ezintsha, ezinhle futhi esizijabulelayo. Okubuhlungu wukuthi kulezi zitimela abantu bakithi abazizamela ukuphila ngokudayisa ezitimeleni abasavumelekile ukwenza lo msebenzi. Siyazi ukuthi isimo sibi eNingizimu Afrika, imisebenzi ayikho ngakho abantu baziphilisa ngokudayisa,” kuchaza uDzanibe.
Uthe abadayisi bayaboshwa uma betholwe beqhuba umsebenzi wabo wonogada bakwaPrasa ezitimeleni.
Uveze ukuthi nabagibeli abasavumelekile ukudla nokuphuza amanzi ezitimeleni, nabo bayajeziswa uma benza lokhu.
“Sibabhalelile kwaPrasa KwaZulu-Natal sacela ukuthi basichazele isizathu sokuvala abadayisi, abazange basiphendule. Abasho nokuthi yimuphi umthetho abawulandelayo njengoba bephuca abantu bakithi isinkwa,” kusho uDzanibe.
Yize ethe abantu bayaboshwa kodwa ebuzwa ukuthi bayiswa ejele noma bayahlawuliswa, uthe akekho umdayisi oseke wavalelwa ejele noma wahlawuliswa kodwa baye bavalelwe ezindlini zangasese amahora ambalwa bese bexwayiswa ukuthi bangaphinde badayise.
UMnuz Zama Nomnganga, obhekelele ezokuxhumana kwaPrasa KwaZulu-Natal, uthe umthetho awubavumeli abadayisi ezitimeleni ezintsha. Uthembise ukuthi uzothumela impendulo ayeyibhalele iDudula Movement kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayithumelanga incwadi.