USIHLALO wekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi ePhalamende, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, akaneme neze ngokusebenza kweRoad Accident Fund (RAF).
UHlengwa nekomiti elibhekelele ukusebenza kwezimali zoMphakathi, uthe namanje iRAF ayikayilungisi indlela esebenza ngayo. Abantu basalinda isikhathi eside ngaphambi kokuthi bakhokhelwe imali yabo emuva kokulimala ezingozini zomgwaqo.
“Kuyacaca ukuthi abaphathi abawenzi kahle umsebenzi, kugcwele amabhokisi yonke indawo, okusho ukuthi indaba yokugcinwa kahle kwemininingwane yabantu ayibhekelelwa ngendlela efanele. Abasebenzi abanawo umfutho, kuneziqubu zokusatshiswa kwabo uma bebika okungahambi kahle. Asikufuni konke lokhu,” kusho uHlengwa.
Uthe akafuni ukuzwa abaphathi bekhala ngezingqinamba zakudala kodwa ufuna ukubona abaphathi abazocacisa ukuthi yini asebeyenzile ukuletha ushintsho?
Abahamba amacala okuqondiswa ubugwegwe, uthe kufanele baqhubeke nokuqondiswa ngendlela efanele elandela umthetho.
Ukhale kakhulu ngokungahleleki kwendlela yokufaka izicelo zokukhokhelwa nokuyinto eholela ekutheni abantu bangasheshi ukuthola imali yabo.
“Uhlelo lokufaka izicelo zokunxeshezelwa alusebenzi ngendlela efanele, kusekhona ukubambezeleka kokukhokhelwa kwabantu. Akufanele ukuthi kwenzeke lokhu ngoba uma abantu befake izicelo, kufanele zicutshungulwe ngokushesha, baziswe ngemiphumela ukuze bathole okubafanele,” kusho uHlengwa.
Uthe yize ezwa ukuthi izikhulu zifuna kushintshwe imithetho ethile kodwa lokho akusho ukuthi iRAF kufanele iphathwe ngesandla sensimbi.
Kulindeleke ukuthi ikomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi lihlangane noNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Sindisiwe Chikunga neBhodi leRAF, ngo-Agasti 30.