UKHALA ezimathonsi ngocingo lukagesi lwepulazi eMcaki, eNdwedwe, okuthiwa selukhiphe isidumbu, umndeni wowesifazane otholwe ebambeke kulo ezintatha zayizolo.
UNksz Sibongile Mdanda (60) utholwe esethule, ewele ocingweni, okuthiwa lusondele kakhulu eduze kwendlela ehamba amalungu omphakathi.
Udadewabo kamufi, uNksz khanyisile Mdanda, uthe umufi ubeye komunye umuzi osendaweni, lapho ajwayele ukuyobona khona omunye wabangani bakhe.
“Sisola ukuthi uwele kulona ucingo, lwamushokha washona. Ngenxa yokuhlala kwesidumbu sakhe ubusuku bonke kulona, kunezindawo lapho sidleke khona kakhulu,” kusho uNksz Mdanda.
Uthe umbiko bawuthole ngomunye umakhelwane ozithele kusona, eya emsebenzini, wathi ubehlala yedwa umufi ekhaya, nokwenze kwangasheshe kwaqapheleka ukungabuyi kwakhe ekhaya ngeSonto ntambama.
Uthe bayakhala ngalolu cingo ngoba ukube belungekho eduze kwendlela, ubengeke ashone kabuhlungu kanje udadewabo.
“Ngesikhathi bebiya abelungu, bathi alubulali lolu cingo. Bakuphindile lokho nanamuhla (esho izilo) ngesikhathi sekulele isidumbu phansi. Sizibuza ukuthi, pho uma lungabulali, yena ufe kanjani?” kubeka uNksz Mdanda esidinda isililo, ethi akafuni nokulubona ucingo.
IMeya kaMasipala waseNdwedwe, uMnuz Sam Mfeka, eyile endaweni yesigameko itshele Isolezwe ukuthi ucingo luseduze kwendlela ngempela.
“Lusendaweni lapho okuhlukana khona umngcele wamapulazi nendawo ehlala abantu,” kusho uMfeka.
Uthe zibe ningi izikhalazo abazithole emphakathini phambilini benguhulumeni wendawo kanjalo nobukhosi besizwe.
“Umphakathi ubukhala ngokuthi lusondele kakhulu nendlela ehamba abantu okukhona kubo ngisho izingane. Belubashokha kodwa nhlanhla leyo kungafi muntu, njengoba sekuphume isidumbu manje,” kusho uMfeka.
Uthe bebethi uma bezama ukululwa udaba lwalolu cingo, umnikazi wepulazi abasasazele ngamasamanisi ababizela enkantolo, ethi ucingo ulufake endaweni yakhe, akumele bambangise umsindo ngalo, wathi ngesikhathi efika endaweni yesigameko uthole ukuthi umphakathi udiniwe kulandela ukwenzeka umshophi obuvele ukhathazeke ngokuthi uyogcina wenzeka.
Uthe badumele ngesehlo, wathi bazosondela emndenini, bezwe uma kukhona odinga ukusizwa ngakho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa esiteshi saseMhlali avule idokodo ngokufa komuntu ukuze liphenywe kulandela isigameko lapho kutholwe khona isidumbu sowesifazane (60) e-Upper Tongaat, izolo.