BAKHALA bayazithulisa abantu akade betshale imali ebhanoyini elibizwa nge-LeftoverCurrency ebelizinze eVerulam, KwaZulu-Natal.
Leli bhanoyi liphahlazeke ngoMsombuluko lapho abantu abaningi bebelindele ukuthi bazokhokhelwa o-R700 000, R1 million nezinye izishaqane.
NgoMsombuluko kusabalale ama-video nezithombe zenqwaba yabantu benkanise ngaphandle kwebhilidi obekukhona kulo amahhovisi ale nkampani okuthiwa bafike kuwo sekulenga ingidi.
Iningi labebenkanisile belithi lizohola ngoba phela usuku lokuqala enyangeni lungolunye lwezinsuku okuholwa ngazo kodwa bagoduke belambatha njengoba bese kukhala ibhungezi, kungasekho muntu.
Isolezwe lithole ukuthi iLeftoverCurrency ibiphethwe ngowesilisa obezibiza ngelikaBrian Mkhize nozakwabo obebizwa ngoDlamini.
UNksz Ntombikhona Dlamini waKwaSimamane, eNdwedwe, uthe baqale ukuzwa ngeLeftoverCurrency ngo-Agasti wonyaka odlule ngesikhathi benikwa amaphepha achaza ngale nkampani uma beyothenga eVerulam.
“Sibe sesihambela izinkundla zokucobelelana ngolwazi sabona nesitifiketi esibhalwe ukuthi bayayikhokha intela eLeftoverCurrency sase sijoyina. Abantu bakhona bebebukeka bethembekile, behlanzekile futhi bekhuluma kahle. Ubufaka uR5 ohambisana no-R1300 bese uthola uR3200. Bekufanele ube nekhanda likaMandela uR5. Owokugubha iminyaka ewu-90, uR5 ubuthi uma uwufakile uthole uR33 800 emuva kwezinsuku eziwu-32,” kuchaza uNksz Dlamini.
Uthe okokugcina ubetshale oR5 abawu-20 kanti ubezothola uR700 000 kwazise baningi nabantu akade ebatshela ngale nkampani.
“Sithe uma sesiyolanda imali yethu ngoMsombuluko safica amahhovisi evaliwe, uMkhize noDlamini bengasabonwa nangokhalo. Silindile ngoba phela imali besivamise ukuyithola kodwa kulokhu asizange siyithole. Amaphoyisa afikile athi kufanele ababili kithina bayovula icala bese silifaka kwigroup kawhatsapp ukuze kuthi uma kunokwenzekayo ecaleni sikwazi ukusizakala,” kusho uNksz Dlamini.
Uthe ukhathazekile ngokungayitholi imali kule nkampani ngoba ubebona eyithola le abeyitshale kancane.
Uveze ukuthi uMkhize wathi udabuka eNewcastle futhi le nkampani ibisebenza online naseMpumalanga ngaphambi kokuza KwaZulu-Natal.
Omunye obedlala leli bhanoyi, ongathandanga ukudalulwa, uthe okwabenza bangena kalula wukuthi ngo-Ephreli kulo nyaka kunabantu abaklonyeliswe ngamathelevishini, amabhodwe esintu, amafriji nokunye ababeqale kulo ngonyaka odlule.
Isolezwe liyibhekile iLeftoverCurrency langayithola ohlwini lwezinkampani ezigunyazwe ukusebenza ngemali yiFinancial Sector Conduct Authority (Fsca).
IFSCA ithe ngaphambi kokutshala imali abayisebenze kanzima abantu, kufanele babheke ukuthi leyo nkampani igunyaziwe yini ukwenza lo msebenzi.
Lokhu bangakwenza ngokungena kwiwebsite yeFSCA ethi www.fsca.co.za noma bashayele u-0800 110 443.
IBhange loMmbuso, iSouth African Reserve Bank, lihlale likugcizelela ukuthi imali ayishintshi intengo yayo, uR5 uhlale uwuR5 noma ngabe unekhanda likaMandela noma elezilwane zasendle.
UConstable Thenjiswa Ngcobo wamaphoyisa KwaZulu-Natal ugcine engayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.