UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukhombe umunwe abantu besilisa bendlu emnyama ukuthi yibona abayimbangela enkulu yokwanda kwezigameko zobugebengu kulesi sifundazwe.
UMkhwanazi usho lokhu ekhuluma kwiKZN Social Crime Prevention Summit, ingqungquthela yokulwa nobugebengu, ebise-Olive Convention Centre, eThekwini izolo.
Kule ngqungquthela, uKhomishana uveze ukuthi ekucwaningeni kwabo ngobugebengu obuhlukene obenzeka esifundazweni, babophe abantu besilisa abamnyama abawu-60 000, kwathi kwabesifazane kwaboshwa abawu-11 728.
“Ngiyaxolisa ukubeka lokhu ngale ndlela kodwa lezi zibalo zikubeka ngokusobala ukuthi abantu besilisa bendlu emnyama bayimbangela yokudlonga kobugebengu eKZN,” usho kanje.
Eqhuba uMkhwanazi, uveze ukuthi okunye okubakhathazayo wukuthi iTheku noMgungundlovu yizona zifunda ezenza ubugebengu bube phezulu kakhulu esifundazweni.
Uthe iTheku lino-42.1% kuthi uMgungundlovu ube no-11% wezenzo zobugebengu. “Uma singanqoba ubugebengu kulezi zifunda isimo singaba ngcono kakhulu esifundazweni sethu.”’
“Kuyasikhathaza nokuthi intsha yesifundazwe ingene shi ebugebengwini obehlukene. Ukucwaninga kwethu kusivezele ukuthi intsha eneminyaka ephakathi kuka-16 no-25 iyona ebandakanyeka kakhulu ezenzweni zobugebengu. Yinto esikhathaza kakhulu ngoba labo bantu baseminyakeni okumele ngabe bayafunda noma bayasebenza kuyona,” kusho yena.
UMkhwanazi uthe ezinhlotsheni eziwu-17 zobugebengu ezibikiwe, okuhamba phambili ngezokweba nezokushaya, njengoba ezibalweni zangonyaka odlule, bathola ukuthi awu-96 000, ku-256 527 wamacala obugebengu abikiwe.
“Uma kungehla izenzo zalawo macala kungaba ngcono kakhulu. Okunye okudale lokho wukwanda kwesibalo sabantu abahlala emigwaqeni, okwenza kwande izenzo zobugebengu ngoba ukuphila kwabantu ngendlela engacacile kwenza benze noma yini ukuziphilisa, bese bephula nomthetho," kusho uMkhwanazi.
Uthe abantu abayekile ukubulalana njengoba kulo nyaka nje kuphela sekubikwe amacala okubulala awu-6 343, okwenza iKZN ibe yisifundazwe esihamba phambili ezweni ngokufa kwabantu.
“Ukubopha abantu abenza ubugebengu akusizi ukulungisa izinto. Asithole umnyombo wazo zonke lezi zinkinga esibhekene naso.”’
UMkhwanazi uveze nokuthi ukuswela ingqalasizinda, yindlala yamathuba omsebenzi, yimibhikisho eyenziwa ngabantu ngezizathu ezahlukene nodlame ematekisini ngezinye zezinkinga ezidinga ukulungiswa ukuze kuliwe nobugebengu.