BAKHALA ngabashayeli abangawuhloniphi umthetho womgwaqo abadayisa emgwaqweni uChris Ntuli (Old Dutch) emakethe eThekwini emva kwesiphihli sengozi ebandakanya iloli, ibhasi namatekisi amabili izolo ekuseni.
Kulesi sigameko, kuthiwa umshayeli weloli elibhalwe ukuthi ZTOO & LIN uqhamuke phezulu kuthelawayeka uN3 edla amagalani, wachezukela kuChris Ntuli. Kuthiwa bekungu-07.45 ekuseni.
Kubikwa ukuthi uzame ukusika ibhasi abeza emva kwalo kodwa wahluleka ukulilawula iloli lakhe, isiqukathi abesithwele satshekela ebhasini, sawela kulo neloli lonke lalandela, lilala ngohlangothi.
Kuvela ukuthi iloli lilimaze namatekisi amabili abeseduze kwalo.
Kuphele amahora amaningi umgwaqo uvalwe thaqa, kukhucululwa.
Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo, bangu-16 abantu abalimale engozini, okuthiwa bebesebhasini ebelisuka eClare Estate ngaseSydenham belubangise edolobheni.
UMnuz Sipho Ngema odayisa kule ndawo ukhale ngokungaziphathi kahle kwabashayeli abasebenzisa lo mgwaqo.
“Lo mgwaqo uhlale unenkinga yesiminyaminya sezimoto, ikakhulukazi ngezikhathi zasekuseni. Sihlale sibona ukungabekezelelani kwabashayeli bezimoto ezahlukene, siphinde sibone nokukhulu ukungahlonishwa kwemithetho yomgwaqo,” kusho uNgema.
Uthe yize irobhothi livame ukungabi nankinga yokusebenza kodwa abashayeli abayingeni indaba yokulihlonipha.
“Sifisa sengathi kungajutshwa amaphoyisa omgwaqo njalo ngezikhathi zebhizi yasekuseni, ukuthi akwazi ukulawula lesi simo esibeka engcupheni impilo yabantu abasebenzisa lo mgwaqo,” kusho uNgema.
Uthe nabo bahlale beqaphile ukuthi abehlelwa wokubi njengoba bedayisa eduze kwawo umgwaqo ohlale uphithiza izimoto ezingayihloniphi imithetho yomgwaqo.
Omunye ozibonele, uNksz Lindiwe Sibiya, uthe ubemi egaraji le-Engen, eliseduze kwendawo yesigameko, elinde isihlobo sakhe.
Uthi uzwe umsindo omkhulu, uma ephakamisa amehlo wabona ukuthi iloli seliwele phezu kwebhasi.
“Abantu bazame ukusiza labo ebebengasiza khona, betakula abantu ngaphakathi ebhasini ebisifahlakile. Sabona sekufika nabezimo eziphuthumayo, abezicishamlilo namaphoyisa ukuzonikeza ngosizo lokuqala,” kuchaza uNksz Sibiya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokushayela budedengu esiteshini samaphoyisa eBerea emva kokuthi iloli, ibhasi namatekisi amabili kubandakanyeke engozini.
“Abantu abangaphezu kwabayishumi abalimele, baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uLt Col Gwala.
Okhulumela amaphoyisa oMkhandlu weTheku, uColonel Boysie Zungu, uthe amaloli avumelekile ukuhamba kulo mgwaqo ngaphandle kwemibandela.