ZIKHALA ngokucindezelwa kothisha izinyunyana njengoba zithi umthetho uvikela uphinde uvune abafundi abatitinya othisha okuthi uma sebezivikela bakhonjwe indlela.
Lezi zinyunyana zithi kugcina sekuba umfundi ophenduka umgilwa ekubeni engumphehli wodweshu.
Lokhu kulandela ukusabalala kwe-video yesehlakalo esenzeke eGlenvista High eGauteng, muva nje lapho, kungongaphansi nongaphezulu phakathi kukathisha nomunye wabafundi. Kuvela nomunye umfundi ezama ukugqema uthisha ngesihlalo.
Uthisha kule video ubonakala ezama ukubhula lo mfundi ngesihlalo, emuva kokuvuka othulini.
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe selokhu kwavalwa induku ezikoleni, akukho uMnyango wezeMfundo owabahlinzeka ngakho ukuthi bakusebenzise ukuqondisa abafundi.
Uveze ukuthi okwenziwa abafundi yinto eyenzeka nasemphakathini ngoba kwayona iyabahlasela othisha kubalwa nezigebengu.
“Ibuhlungu impilo kathisha kulezi zinsuku ngoba uma eshaye umfundi uyaxoshwa, ayikhulunywa eyakhe. Akekho ovikela uthisha ngoba nomnyango umlahla ngecala, aze aboshwe kwesinye isikhathi. Umfundi osuke eshaye uthisha uyabuyela esikoleni, emuva kokumiswa isikhashana.”
Uthe nomkhandlu olawula othisha iSouth African Council for Educators (SACE), ucheme nabafundi.
“Ithina esikhokhela iSACE kodwa kwayona ayisivikeli, ichema nabafundi. Ngiyazi kunzima kodwa ngiyanxusa kozakwethu ukuthi uma bebona ukuthi umoya uyaphakama, abaphumele emnyango babuye selehlile igwebu. Ukucabanga kothisha kumele kube ngaphezu kwalokho komfundi, bangasheshi ukuhluthuka.”
UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, ukhale ngokuthi isiyinsakavukela eyodlame ezikoleni.
Uthe izikole kumele kube yizindawo ezingenalo udlame wathi nosizo olunikezwa ezikoleni okuqubuke kuzo udlame, kumele lungachemi nabafundi kuphela.
Ukhale ngokuthi umthetho uvuna abafundi kodwa bese uqina ngasohlangothini lothisha.
“Okubuhlungu ngukuthi iSACE igweba kanzima othisha, abafundi bona bayayekwa. Umnyango kumele wenze isimo sibe sihle sokusebenza kothisha futhi ubhekane nabafundi abangalawuleki.”
Ukugxekile ukuhlaselwa kothisha wathi lokhu kuzothena amandla labo abasafuna ukufundela lo mkhakha.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, ucashunwe ethi uMthethosisekelo wezwe ubalula ukuthi kuyilungelo lomfundi ukufunda.
Ukhale ngokuthi abanye abazali bayazivuna izingane zabo ngokuthi baziphikele uma kungukuthi kukhona izinto ezisolwa ngazo ezikoleni.
“Abazali yibona abagijima baphikele izingane zabo. Umthetho uthi umfundi umiswa izinsuku ezingu-14, emva kwalokho uyabuyela esikoleni. Uma umxosha esikoleni, kungumsebenzi womnyango ukumfunela esinye isikole. Nakhona kuleso sikole bafike bamchithe ngoba kuthiwa uxoshwe la ebefunda khona ngoba eyihlongandlebe.”