UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke uxwayise abashayeli - ikakhulukazi labo abathutha umphakathi - ukuthi bangalokothi babeke engcupheni impilo yabagibeli ngoba bejahe ukwenza inzuzo.
Lokhu kushiwo uNkk Sindisiwe Chikunga esivimbamgwaqweni ebesiseMariannhill Toll Plaza, eThekwini, izolo.
Unxenxe abemboni yamatekisi ukuba baqikelele ukuthi ayivunyelwa ilayishe abantu imoto enamathayi ayizimpandla futhi ezingekho esimweni sokuba semgwaqweni igibelise abagibeli.
“Abagibeli abawona umthwalo kodwa bangabantu. Banemindeni, baya emakhaya balindiwe ukuthi bafike bephephile. Akulungile uma sesibathatha ngomthwalo esakha imali ngawo,” kusho uNkk Chukunga.
Omunye umshayeli wetekisi ubesemanzi te ephekwe ngebhodwe elincane ngungqongqoshe, emkhombisa namaphutha asetekisini alayishe kulona abagibeli elokhe exolisa engaqedi.
Ungqongqoshe ubehlola ukuthi umshayeli nemoto ahamba ngayo kusesimweni esikulungele ukuba semgwaqweni, ehlola izincwadi zabashayeli ne-disk yemoto ukuthi akuphelelwe isikhathi nokuthi abagibeli bawafasile amabhande, ebaqwashisa ngokuphepha.
Ukhale ngabashayela bephuzile, wathi iningi lezingozi emigwaqweni zakamuva uthola ukuthi linotshwala phakathi.
“Engozini esuke imbandakanya izimoto ezimbili uthola ukuthi omunye wabashayeli uphuzile, abulale lona ongaphuzanga. Osephuzile akangashayeli, okungenani akagoduke ngemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile noma ngetekisi,” kusho ungqongqoshe.
Ubalule nokuthi iningi lezingozi lenzeka kuthelawayeka uN3 uma ubheke eThekwini, abantu sebevalile emisebenzini noma bezochitha amaholidi.
Ungqongqoshe namaphoyisa bebemisa imoto bese beqwashisa namagibeli ngezindlela zokuphepha emgwaqweni.
Ukhumbuze nabahamba ngezinyawo, wathi aweqi noma yikuphi futhi ulinda irobhothi libe kuhlaza bese uyawela.
Ukhale ngabashayela izimoto ezingenazo izinombolo, amathayi ayizimpandla, nezimoto ezingathelile.
“Kunomshayeli esimmisile imoto yakhe ebingenayo i-number plate ngaphambili kodwa ikhona ngemuva. Omunye kade yaphela i-disk, wawathenga ama-number plates, kodwa akawafakile uhamba ngemoto kube sengathi iseyintsha yize kade saphela isikhathi eyayibekelwe lokho,” kuchaza ungqongqoshe.
Uthe yibona laba bantu abashayisa abanye emgwaqweni bese bedla phansi ngoba kusuke kungekho okuzobaveza, yibona abadala izinkinga emgwaqeni.
UNkk Chikunga uthe bafake izinsiza-kusebenza namaphoyisa amaningi emigwaqweni emikhulu evame ukuba nomthamo omningi wezimoto ngalesi sikhathi sokuphela konyaka.