LIZOGAYA ngomunye umhlathi kubafundi abenza uGrade 4 ezikoleni ngonyaka ozayo njengoba sebezofunda ezinye izifundo ngolimi lwebele.
Izifundo, iMaths neNatural Science zizoqala ukufundwa ngolimi lwebele ukuze kunciphe isihlava sabafundi abafeyilayo ngenxa yokuthi basuke sebefundiswa ngesiNgisi.
Lokhu kuvezwe nguNgqonqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, izolo ekhuluma engqungqutheleni ebheka ukufunda ngezilimi zesintu kuhlanganisa nesiNgisi eBlomfontein.
UNkk Motshekga uthe ucwaningo luveza ukuthi abafundi bayafeyila uma sebekwaGrade 4 ngenxa yokuthi basuke sebeshintshe ulimi lokufunda sebefundiswa ngesilungu.
Uveze ukuthi kusuka kwaGrade R kuya kwaGrade 3, abafundi bafundiswa ngolimi lwebele bese kushintsha izinto uma sebefka kwaGrade 4, lapho sekudingeka bafundiswe ngesilungu.
“Ucwaningo luveza ukuthi abafundi abafundiswa ngezilimi abazincela ebeleni, benza kahle kakhulu. Uma uqhathanisa izibalo zocwaningo uthola ukuthi abafundiswa ngolimi lwabo okuyisiNgisi kanjalo nesiBhunu benza kahle kunalabo abasuke bekhuluma lezi zilimi njengezengeziwe. Umfundi ongaluncelanga ebeleni lolu limi, uqale atolikele olimini lwebele, ngaphambi kokuba aphendule umbuzo,” kusho uNkk Motshekga.
Uveze ukuthi abafundi baze baqale ukwenza kahle uma sebekwaGrade 9.
“Lokhu kuveza ukuthi basuke sebeqala ukusibamba isilungu yingakho benza kahle uma sebekuleli banga. Kusuka kwaGrade 4 kuya kwamanye amabanga kusuke kumbulwa kwembeswa kulabo abangaluncelanga ebeleni ulimi abafunda ngalo.”
Uthe baluqala kancane kancane lolu hlelo ngoba abafuni ukuxina abafundi.
“Kukhona abathi sifuna ukubabuyisela eGibhithe ngokuthi sibafundise ngezilimi zabo. Kwamanye amazwe abafundi bakhona benza kahle kakhulu ngoba basuke befunda ngezilimi zabo.”
UDkt Mark Chetty, obhekele izivivinyo emnyangweni kazwelonke, uveze ukuthi yingakho nocwaningo lubalula ukuthi abafundi bakwaGrade 4 abakuqondi abafundayo.
Uthe bazoqala ngezifundo ezimbalwa kwaGrade 4 bese benabela kwamanye amabanga eminyakeni elandelayo.
“Ngo-2026 sinabela kwaGrade 5, size sifinyelele kwaGrade 7. U-80% wezinto ezizofundwa kwaGrade 4 ngonyaka ozayo, zizofundwa ngolimi lwebele bese u-20% ufundwe ngesiNgisi. KwaGrade 7 kuzolingana, njengoba u-50% kuzoba ngolimi lwebele bese kuthi omunye kube isiNgisi,” kusho uChetty.
Uveze ukuthi abafundi bazokwazi ukuphendula ngalezi zilimi zombili, okungaba isiZulu nesilungu.
UNkk Motshekga uthe baqale bavivinya lolu hlelo e-Eastern Cape, iminyaka eyishumi wathi lube yimpumelelo.
“Kuzobe kungokokuqala ukuthi eminyakeni engu-30 izwe lakhululeka, sibhalise siphinde sicwaninge ukuthi abafundi baphasa kanjani uma bebhala ngolimi lwabo iMaths nezinye izifundo.”
Uchithe ukuthi bafuna ukuqeda ngesiBhunu njengoba kukhona abafafaza la mampunge wathi zonke izilimi zesintu ziyalingana emnyangweni.