KUHLEHLISWE ukhetho lokukhetha umkhandlu omusha wezitshudeni enyuvesi iMangosuthu University of Technology (MUT) eMlaza, ukuhlonipha umsunguli walesi sikhungo Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Lesi simemezelo senziwe yibamba lo mphathi kule nyuvesi uSolwazi Marcus Ramogale, esithangamini sabezindaba izolo ekuseni eMhlanga.
URamogale uthe isigungu senyuvesi iSenate, besizohlangana izolo ntambama sinqume ngokumiswa kokufunda nokufundisa kule nyuvesi ukuhlonipha iqhaza lalo mholi.
UShenge oshone ngoMgqibelo ekuseni ekwakhe eNkonjeni, ungumsunguli we-IFP kanti nguyena owahlwaya imali yokuthi kwakhiwe le nyuvesi.
“Sizomemezela isinqumo somhlangano ophuthumayo weSenate ukuthi umkhombandlela uthini. Kodwa ngibona ukuthi uzovuma ukuthi kumiswe ukufunda. Ukhetho lwezitshudeni beluzoba ngoLwesine kuleli sonto, kodwa sabona ukuthi luhlehliswe ukuze kuhlonishwe lo mholi.”
Uthe bahlele ukuthi kube nenkonzo yokukhumbula lo mholi ngoLwesine.
“Siyazi ziningi ezinye izinkonzo zokumhlonipha ezihleliwe.Yingakho sinqume ukuthi sinike izitshudeni ithuba lokuthi zikwazi ukuhlonipha lo mholi.”
UShansela wale nyuvesi uMnuz Sandile Zungu, uthe babuhlungu ngokudlula emhlabeni kwalo mholi.
Uthe bayohlale bemkhumbula ngeke bamkhohlwe ngeqhaza lakhe ekusungulweni le nyuvesi.
UZungu ongumphathi wamaZulu FC, uthe bazokhipha amabhasi amathathu azohamba labo abayobhonga emswanini kwaPhindangene.
URamogale uthe ukhetho lwezitshudeni luzobanjwa emuva kwekhefu eliqala ngesonto elizayo.
URamogale uthe lo mholi udlule ngesikhathi abese bejabule ngaso ukuthi usephumile esibhedlela ululamela ekhaya.
Uthe ngo-1979 uShenge wasungula i-MUT eyayinezitshudeni ezingu-15 kuphela.
Njengoba uShenge wayenombono wokufuna lesi sikhungo sikhule, waya kuMnuz Harry Oppenheimer we-Anglo-American eyomnxenxa ukuthi axhase lesi sikhungo. Namanje le nkampani isayeseka le nyuvesi ngemifundaze eyinika izitshudeni.
Uthe manje eMUT kunezitshudeni ezevile ku-14 000, isikhiqize izitshudeni ezevile ku-42 000 ezixhaswe emikhakheni eyahlukene.
“Siyajabula ukuthi sikwazile ukuhlonipha uMntwana esadla anhlamvana. Sikwenze lokhu ngo-2022 ngesikhathi kunomcimbi wokuthwesa imiyezane izitshudeni zasophikweni lwezobunjiniyela enyuvesi. Nguyena owenza kuze kube nalolu phiko.”
Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwasuka omkhulu umsindo ngesikhathi inhlangano yezitshudeni edlelana ne-ANC iSasco, iphakamisa ukuthi kushintshwe igama leMUT kodwa inhlangano yezitshudeni edlelana ne-IFP, iSadesmo, yasikhahlela lesi siphakamiso.