LIHLEHLISELWE kuMsombuluko ozayo icala labokufika abangu-95 abadabuka eLibya, ngenxa yokungabibikho kukatolika okhuluma ulimi lwama-Arab.
Abasolwa basamile ekutheni bathathwe kwelakubo beqashwe ngusomabhizinisi onezitolo zobucwebe. Bathi usomabhizinisi ubatshele ukuthi ubaqasha njengonogada nokuthi ngokolwazi lwabo, bahleli kule nkambu abatholakale kuyo beqeqeshelwa umsebenzi wokuba ngonogada hhayi amasosha.
Imibiko evelayo ithi usomabhizinisi okusolwa ukuthi nguyena obaqashile wake wazama ukuvukela umbuso wakhona eLibya.
Ngokolwazi oluvele enkantolo yeMantshi eWhite River namuhla, kuthiwa ngokwamaphepha alaba basolwa agunyaza ukungena kuleli, kubhalwe ukuthi balapha ngoba bazokwenza izifundo zezokuphepha.
Kuthiwa laba baqala ukubonakala emphakathini ngesonto elandulela elokhetho lukazwelonke futhi babexhumana nomphakathi wendawo bedayisa izimpahla zabo futhi bebefika nesimajoyintini beyozijabulisa.
Usihlalo wekomiti lamaphoyisa ePhalamende, uMnuz Ian Cameron uthi akwamukelekile ukuba khona kwendawo efana nalena esebenzayo kungekho muntu wezomthetho owaziyo ngalokhu. Wathi baxhumene nePsira okuyiyona enikezela ngezitifiketi zokusebenza kwezinkampani zezokuphepha, kanjalo nalabo abafuna ukusebenza emkhakheni wokuba ngonogada befuna ukwazi ukuthi le nkampani ethole imvume yokusebenza nalaba bantu ijike nini yasebenza ngendlela okungasiyona.
Izinkampani ezithintekayo okubalwa neyendawo okutholakale kuyo abasolwa kulindekele ukuthi zikhiphe izitatimende ngoLwesibili, kanti abameli bazo bebekhona enkantolo ukulalela icala.