KUPHOQE ukuthi lihlehle icala lokungqongqiswa ngomlilo kwabathathu okwenzeka eNkanini, eCato Manor, ngoJanuwari 25, 2023 ngesikhathi ummangalelwa wokugcina ekhala ngesibhobo ebesisho ukumjuqa eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Bayisithupha abasolwa kuleli cala, ngoMnuz Mniseli "Jomo" Khondlo (41), Vusimuzi Mazula (46), Thandekile Penelope Sithuntsa (37), Siphenathi Zoko (28), Mfanafuthi Muzi Masikane (37) noScelo Thusi (39) okunguyena oxinwe wukugula kuqhubeka icala.
Laba basolwa ngokuthi baba ngongqondongqondo ekutheni bokhele ngomlilo abesilisa abathathu, oMnuz Phumlani Tshekee, Numkile Mfenqe noRefilwe Mokoena.
Laba ababulawa kuvela ukuthi babewuhlalise lubhojozi umphakathi ngezigameko ezahlukene.
Phakathi kwezigameko ababesolwa ngazo ukudlwengula abesifazane, ukubamba inkunzi nokudayisa ngodli izindlu zabantu bakule ndawo.
Izolo ngesikhathi kuqhubeka icala, umsolwa wesithupha ubebonakala ebamba isisu ezibhongqa. Ugcine ebonakala esephakamisa isandla.
Kusondele ummeli eduze kwakhe okunguyena ogcine esetshela iJaji, uMahendra Chetty, ukuthi ummangalelwa ubambekile akazizwa kahle.
Ijaji libe selicela ukuthi icala lihlabe ikhefu isikhashana ukuze athole ukunakekeleka akudingayo umsolwa.
Selibuya ekhefini ufakazi, ongeke lidalulwe igama lakhe, uqhubekile nokuthula ubufakazi ethatha inkantolo ngamehlo engqondo ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
Kuthe esalandisa ijaji laphinda lakuqaphele ukuthi umsolwa wesithupha usabhekene nenkinga yokugula.
"Ngenxa yokuthi omunye wabasolwa ubonakala engaphilile nhlobo. Leli cala kungcono lihlehle ukuze liqhubeke kusasa ngesikhathi esifanayo kuyona le nkantolo,'' usho kanje.
Ekuseni ufakazi utshele inkantolo ukuthi abasolwa abane kulaba abayisithupha wababona behlome beyizingovolo ngesikhathi kusuka udweshu lokubulawa ngesihluku kwalaba abathathu.
Uthe ummangalelwa wesihlanu nowesithupha, obegula, bona akazange aqaphele ukuthi babehlome ngani esandleni.
Uthe abamangalelwa ubakhumbula kahle befika endlini ababekuyona bathatha laba abathathu bayobokhela ngomlilo emotweni.
Ngosuku lwesigameko kuvela ukuthi umphakathi wawuhlome uyizingovolo uphethe ocelemba, izando nezinye izikhali wahlasela kubo kaPhumlani lapho ayehlezi khona nabangani bakhe.
Kuvela ukuthi babathatha babayisa emotweni babaphoqa ukuba bangene kuyona ngaphakathi base befaka uphethroli base bayabashisa.