IGWETSHWE odilikajele abahlanu neminyaka engu-30 ngaphezulu yiNkantolo yesifunda yaseNquthu, inyanga mbumbulu ezishaya samphrofethi, elahlwe ngoxhaxha lwamacala okudlwengula.
Kuthe ngoLwesithathu, inkantolo yagweba kanzima uMthokozisi Cyril Mdlalose (37) ngamacala amathathu okudlwengula abesifazane abasebancane abaneminyaka ephakathi kuka-15 no- 18, emva kokuthi ayebaholela ophathe, ezenza umphrofethi okhathalele ukubelapha.
NgoFebhuwari 2022, uMdlalose kuthiwa waholele ophathe umgilwa oneminyaka ewu-15, emva kokuthi ekhohlise unina (kamgilwa) ngesibonakaliso esithile, okuthe uma umgilwa efika endlini yakhe wamyalela ukuthi akahlubule, ngaphambi kokuthi amdlwengule ephindelela. Ngo-Agasti ngawo unyaka ofanayo, uMdlalose kuthiwa wasebenzisa amaqhinga afanayo ukulutha unina kamgilwa oneminyaka ewu-18. Kuthiwa wathatha umgilwa wahamba naye waya emfuleni ngenhloso yokuyomhlambulula. Kufikwa emfuleni kuthiwa wamyalela ukuthi akangene emanzini ahlambe. Ngesikhathi umgilwa eqeda ukugeza, kuthiwa uMdlalose wayesevele elendlalile ithawula, wamyalela ukuthi ahlale kulo, wamgcoba umuthi wakhe ekhanda nasezindlebeni. Emva kwalokho kuthiwa umgilwa wahanjelwa umqondo wangabona lutho okwenzekayo, kwathi uma ephaphama wayesesele yedwa uMdlalose engasabonwa.
Kuvele ukuthi le mikhuba uyiqale ngo-2020, okuyilapho edlwengule khona umgilwa ono-18 emva kokuthi emhlolelile wathi uyathakathwa kangangokuba izinsuku zakhe ephila emhlabeni ziyancipha. Wayalela umgilwa ukuthi afike emzini wakhe osendaweni okuthiwa kuseMadresini, khona ezokwazi ukumsusa isinyama ahamba naso. Esefikile umgilwa, kuthiwa wamyalela ukuthi akalale abheke phezulu, wamgcoba ngomuthi ngaphambi kokuthi amdlwengule. Kuthiwa wayalela umgilwa ukuthi angayixoxeli muntu indaba, kwathi emva kwezinsuku ezingu-11 waphinde wamdlwengula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe emva kokuvulwa kwamacala, umphenyi wahlanganisa ubufakazi obuholele ekuboshweni kukaMdlalose.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukushayele ihlombe ukugwetshwa komdlwenguli.
“Lesi sigwebo sifke ngesikhathi esihle kuyinyanga yokuhlonipha iqhaza labesifazane. Izigwebo ezinjengalezi ziyawakhuthaza amaphoyisa ekutheni aphenye ngokungakhathali emacaleni afuze lawa, enolwazi lokuthi izinkantolo zizokwenza isiqiniseko sokususa izigilamkhuba emphakathini,” kusho uMkhwanazi.
UMdlalose ngeke esavunyelwa ukuphatha isibhamu, igama lakhe lizokleliswa ohlwini lwabantu abalahlwe ngamacala ocansi, abayingozi.