KUZOSHAYWA izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba kugujwa usuku lweNkululeko namhlanje ezweni lonke. Kuzobe kuhlanganiswa neminyaka engu-30 elakuleli lathola inkululeko, ngaphansi kwentando yabantu.
Ngalolu suku abantu baphuma ngobuningi babo bashaya ujenga beyovotela uhulumeni omusha ngoba izwe lalisuka ngaphansi kombuso wobandlululo.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uzohola umgubho wosuku ezindlini zoMbuso ePitoli.
Ihhovisi lakhe linxuse abantu bakuleli ukuthi bagubhe lolu suku ngokubheka ibanga elihanjiwe selokhu izwe lakhululeka.
Banxuswe ukuthi bakhe ikusasa elizobungazwa nguwonke wonke.
Isiqubulo salo nyaka sithinta eyeminyaka engu-30 yenkululeko, ukubambisana kanjalo nokuthuthukiswa kwezwe.
“Le migubho ihambisana nokubungazwa kweminyaka engu-28 kwabhalwa uMthethosisekelo wezwe. Usuku lweNkululeko lwakhelwe ukuhlanganisa abantu bakuleli, uhulumeni kanjalo nezinhlaka ezehlukene,” kusho uRamaphosa.
Kulo mgubho kulindeleke uNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Zizi Kodwa, noNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi, nezinye izikhulu zikahulumeni ukuthi bahlanganyele noRamaphosa uma selugujwa.
KwaZulu-Natal lolu suku luzogujwa kumasipala wesifunda. uGu.
UNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzohola uhulumeni kulo mgubho.
Kuwona uzobalula izinhlelo zokulungela kwesifundazwe ukubamba ukhetho lwangenyanga ezayo ngoMeyi 29. Umgubho uzoba sezinkundleni zemidlalo iTB Molefe.
Namaqembu ahlukene ezepolitiki azogubha usuku ezindaweni ezehlukene.
I-IFP izokwethula ibhasi elizosetshenziswa yiqembu uma likhankasa.
Umengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uzokwethula ibhasi eBlue Lagoon eThekwini, bese lihambela emalokishni okubalwa eMlaza, ligcine eFolweni, lapho leli qembu lizobe ligubha usuku lweNkululeko.
Unobhala jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, uzogubha usuku ngokuhlangana nomphakathi ohlala ehostela iGlebelands, eMlaza.