UKUNGABONI ngasolinye kwamalungu kasoseshini wamatekisi eRichmond Farm kusolwa ukuthi yikona okuholele ekutheni kubulawe abantu abahlanu ezigamekweni ezintathu ezehlukene ezenzeke kusoseshini wamatekisi iNtuzuma A no-B ngoLwesithathu.
Kusolakala ukungaboni ngaso linye mayelana nesinqumo esiphasiswe ezinsukwini ezingu-10 ezedlule sokufakwa kwenkampani yonogada ukuthi izoqapha lo soseshini.
Lokhu kudalulwe usihlalo kasoseshini uMnuz Thandokwakhe Mchunu izolo. UMchunu uthe sibathusile lesi sigameko futhi asinamqondo.
Uthe nakuba bengenayo into ephathekayo ukuthi kungani kubulawe abantu ngale ndlela kodwa basola ukuthi kungenzeka ukuthi isinqumo sokufakwa kwenkampani yonogada kusoseshini yisona esibe nomthelela kokwenzekile.
Esigamekweni sokuqala, esenzeke ngabo-4 ekuseni, kubulawe umshayeli wetekisi oneminyaka engu-30 emgwaqweni uKhangela, eLindelani.
Kwesesibili esenzeke ngo-9.30 ekuseni, kubulawe usomatekisi, uMnuz Mandla Nzimande (65) obewusibonda kusoseshini futhi esekomitini lawo.
Kuthiwa ubezihlalele emotweni yakhe ebipakwe emgwaqweni uMpangele, kwa-J, KwaMashu.
Kwesokugcina esenzeke ngo-18.30 ebusuku, emgwaqweni uNkasa, eRichmond Farm kudutshulwe umshayeli ona-38 nabagibeli ababili okungoMnuz Zamani Mkhungo noNksz Zamaqholo Dladla.
Bonke ababulewe babulawe ngosuku olulodwa. Kuthiwa bekufike kume imoto emhlophe maqede kuphume umuntu nesibhamu esikhulu avulele ngenhlamvu futhi bonke banamanxeba okudutshulwa ekhanda abanye banamanxeba okudutshulwa nasemzimbeni.
Izolo lsolezwe lihambele kule ndawo isimo sibonakala simuncu nabahlali bakhona bethuka izanya noma bebuzwa imibuzo bonke bebemane bazihlangule.
Ngisho abomndeni wakwaMkhungo kuthe kusaxoxwa nabo kwathushuka imoto emhlophe banqandwa sebebalekela endlini bethi bayasaba abazi noma iyona yini le moto emhlophe ebatshazwayo eqeda abantu kule ndawo.
Ilungu lomphakathi elibuye libe sekomitini lakuWard 45, eThekwini, uNksz Makhosi Khanyile, yilona elihambe layobikela umndeni wakwaMkhungo selibuya endaweni yesigameko.
UNksz Khanyile ukhale ngesihluku okubulawe ngaso abantu abathathu.
“Amaphoyisa asichazele ukuthi ababonakali inyama ayikho ebusweni. Intombazane ebikade ihlezi phambili, enjinini, phakathi kukaMkhungo nomshayeli iwele ngakubagibeli ngemuva. Laba abanye amakhanda abefahlakile bengabonakali nokuthi bangobani,’’ usho kanje.
Uthe okubakhiphe endlini ukuqhuma amahlandla amaningi kwesibhamu baphuma bayobheka. Abadutshuliwe uthe kuze kwatholakala ukuthi bangobani emuva kokutholwa kwemininingwane yabo ezintweni ebebezigqokile.
Amakhansela amabili ezindawo lo soseshini osebenza ngaphansi kwazo, uMnuz Nhlanhla Sibisi noNksz Mafi Zondi baye kovela emindenini eshonelwe bachaza nokuthi lesi sigameko sidale itwetwe kumalungu omphakathi.
Unobhala wenhlangano yamatekisi iSantaco esifundeni iGreater North, eThekwini, uMnuz Bheki Mthembu uthe kubathusile okwenzekile ngoba bebengakaze bezwe ukuthi kunengxabano ekhona ngaphakathi kulo soseshini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuphenywa amacala okubulala kucelwa namalungu omphakathi anolwazi ukuba aludlulisele emaphoyiseni noma ashayele inombolo yeCrime Stop ethi : 08600 10111.