LUGOBILE uphondo kuhulumeni waKwaZulu- Natal wagcina uwuhlehlisa umcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo obekufanele ube ngeSonto kwaCeza, oLundi. Uhulumeni waKwaZulu-Natal ubuhlele ukugubha iminyaka ewu-110 kwakhothama uMamonga woSuthu.
UMgwazi kadinwa zingqapheli, wahlala esihlaweni sikayise ngo-1884 wakhothama ngo-1913 eneminyaka engu-45. Uhulumeni waKwaZulu- Natal ubumemezele ukuthi umcimbi uzoba ngoMashi 10.
Bekulindeleke ukuthi umcimbi uthanyelwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini okuyisona esibusayo manje. Izolo Isolezwe lithole isitatimende sikaNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ethi iSilo sizobe singekho lapho.
UMfundisi uButhelezi uthe isizathu wukuthi kukhona izinto ezingaxoxwanga kahle neSilo ngalo mcimbi.
“ Ngenxa yemibuzo eminingi yabezindaba , iSilo sithe angidlulise umyalezo wokuthi ngeke sibe khona emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu ozoba ngoMashi 10. Akekho umuntu ovela endlunkulu ozomela iSilo. ISilo siyawuthokozela umcimbi kodwa kufanele kuxoxwe naso ngendaba yesikhathi nendawo,’’ kusho uButhelezi.
Emuva kwalokhu Isolezwe lithole ngezingede zalo ukuthi umcimbi uhlehlile. Isolezwe libone incwadi okuthiwa ibhalwe wuNdunankulu uNkk Nomusa Dube - Ncube ekhuleka kuBayede emazisa ngoshintsho.
Incwadi iveza ukuthi usuku lomcimbi lushintshe emuva kokubonana naendlunkulu kaZulu ngalolu daba.
“Bayede! Le ncwadi yazisa iSilo ngoshintsho olukhona emuva komhlangano nendlunkulu ngoMashi 2 lapho bekuxoxwa khona ngomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu. Indlunkulu iphakamise ukuthi umcimbi ube ngoMashi 16,’’ kusho incwadi.
Iyaqhubeka ibalule ukuthi indlunkulu ikhathazwa wukuthi uhulumeni awuyinakanga indaba yesikhumbuzo sokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu esebuza ngoMashi 12, 2021.
“ Kuvele ukuthi indlunkulu ibivele ihlele umkhuleko wokukhumbula ukukhothama kweSilo ozoba ngeSonto ngoMashi 10. Kungakho sithi umcimbi weSilo uDinuzulu uzoba ngoMashi 16 kwaCeza esifundeni iZululand,’’ kusho incwadi.
Okhulumela ihhovisi likaNdunankulu, uMnuz Bongi Gala, ebuzwa ngalokhu akaphikanga akavumanga kodwa uthe bazokhipha isitatimende ngalolu daba.