ITHOBEKE amanxeba imindeni engaphezu kuka-500 eyayakhele indawo okwakhiwa kuyo idamu laseNanda, kufika uNgqongqoshe waManzi neNhlanzeko, uMnuz Senzo Mchunu, izolo, ezokwenza umsebenzi wokugezwa kwayo nokukhunjulwa kwabathandiweyo bayo ababengcwatshwe kule ndawo.
UMchunu ubezofeza isicelo le mindeni obese kuhambe iminyaka yasicela kuhulumeni.
Usihlalo wale mindeni okuthiwa yasuswa ngendluzula, uMnuz Scara Gcabashe, uthe kube yinto enhle okwenziwe wuhulumeni ekugcineni.
“Abathandiweyo bethu bambiwa ngo-1988, sangabazi ukuthi bahamba bayongcwatshwaphi,” kusho uGcabashe.
Uthe le nto ibibahlupha kakhulu njengoba bengabantu bakholelwayo esintwini.
“Sibatshele ngo-2017 ukuthi siyawudinga lo mcimbi wokugezwa ngoba besibona sengathi abakutholi ukuphumula abathandiweyo bethu,” kusho yena.
Uqhube wathi bonke abathandiweyo babo ababazi ukuthi amaBhunu athi uma ehamba kule ndawo, abangcwabaphi.
“Uhulumeni wobandlululo wazenzela okuthandwa yiwo. Ngokwemiqingo, bathi bangcwatshwa emathuneni ahlukene eThekwini. Asinaso isiqiniseko salokho,” kubeka uGcabashe.
Uveze ukuthi kukhona abanye abangambiwanga, abangaphansi kwamanzi namanje.
Uthe ngaphansi kwesizwe samaQadi, ingu-317 imindeni eyasuswa, kuthi esizweni saseMaphephetheni ibe ngu-271. Uthe yonke yalayishwa emalolini ngendluzula.
Uthe abanaso isibalo esiqondile semindeni engaphansi kwesizwe sakwaNgcolosi eyasuswa.
“Yona ayizange ilayishwe ngisho emalolini, yabhunyelwa ngamanzi, abantu baphuma nalokho ababekugqokile kuphela,” kukhumbula uGcabashe.
Uphethe ngelithi bagculisekile ngokwenzeke izolo, wathi bayakholwa ukuthi imiphefumulo yabathandiweyo babo izokuthola ukuphumula.
UMchunu uthe idamu lakhiwa ngo-1989, ngenhloso yokuthi kuqedwe isomiso samanzi emphakathini, kulekelelwe ukusebenza kwezimboni bese kuthuthukiswa ezokuvakasha ngobuhle balo.
“Kodwa ngaphansi kwalo kunendaba ebuhlungu, engaxoxwa, yabantu abanikela ngokukhulu, baphinde baphenduka ondingasithebeni,” kusho uMchunu.
Uqhube wathi kwathikanyezwa amathuna abathandiweyo bemindeni eyayihlala kule ndawo.
“Namuhla (esho izolo) sizovuma ukuthi okwenzeka la, akubanga nabo ubulungiswa, siyaxolisa ukuthi sithathe isikhathi eside kangaka ukufezekisa umcimbi ofana nalo,” kusho uMchunu.
Uthe bami nabo bonke labo amazwi abo agcina eya ngokusha ngenxa yobude besikhathi, wathi bayabuqonda ubuhlungu balabo abanabathandiweyo babo abagcina bevaleleka emanzini.
“Ukukhala kwabo buthule, buyozwiwa ngisho nayizizukulwana,” kusho uMchunu.
Uqhube wathi umcimbi wayizolo uwuphawu lokuthi bayazibophezela ezintweni ezingamasiko ezibachazayo njengabantu abamnyama.
Kulo mcimbi kwembulwe itshe lesikhumbuzo elichaza ngokwenzeka athe liwuphawu lwethemba.