Ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwenkabi esolwa ngokuhlasela amawele iNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga.
Lokhu kumenyezelwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda esitatimendeni asithumelele abezindaba.
Ngokusho kukaNetshiunda, uphiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu bodlame lwamatekisi ezingeni lesifundazwe, iKwaZulu-Natal Provincial Taxi Violence, lucela usizo lomphakathi ukufuniswa uMnuz Mpiyakhe Thobani Mbatha (25).
Uthe ufunelwa icala lokudubula, abulale usihlalo kasoseshini wamatekisi iFredville, uMuz Mphilisi Ngubane (35) nelokuzama ukubulala iwele likaNgubane.
Kuvele ukuthi ngoSepthemba 13 nonyaka, amawele ayehamba ngomgwaqo uShezi Main elokishini iMpumalanga (Hammarsdale) ngesikhathi ehlaselwa amadoda amathathu ayehamba ngeVW Polo e-brown.
“Amadoda avulela ngenhlamvu kubagilwa, kwafa uNgubane (Mphilisi). Iwele lakhe lakwazi ukuphunyuka, labaleka,” kusho uNetshiunda.
Uthe kwavulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa saseMpumalanga, idokodo lakhona ledluliselwa ophikweni oluphenya amacala odlame lwasematekisini, iProvincial Taxi Violence ukuthi luphenye.
“Uphenyo lwaveza ukuthi uMbatha wayengubhongoza ekwakheni itulo lokuhlasela kanti akwaziwa ukuthi uphi njengamanje. Kuvela ukuthi ungowokudabuka eGreytown kodwa kukholakala ukuthi ubuye ahlale naseNtshanga,” kusho uNetshiunda.
Uthe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ikhishwe inkantolo kanti amaphoyisa acela ukuthi noma ubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi, athinte umphenyi uSergeant Khuyana ku-031 325 6393 noma kweyokubika ubugebengu ethi: 08600 10111.
Uthe umphakathi uvumelekile ukuthi ulethe imininingwane ngokuyimfihlo.