KUFE oyedwa, kwalimala abane kushayisana mahlanze izimoto ezimbili kuR74 ngaKwaDukuza ngoMsombuluko.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, i-IPSS Medical Rescue, uKelsey-Jae Meyrick uthe ngokombiko abawutholile, kushayisane izimoto ezimbili ebezihamba ngesivinini esiphezulu.
“Ngeshwa umuntu oyedwa ushonele endaweni yesigameko emva kokuthi etholwe ebambeke ngaphakathi kweyodwa yezimoto ebezihlafazeke kakhulu,” kusho uMeyrick.
Uqhube wathi uphiko lwabo lwe-Advanced Life Support luphinde lwanika izingane ezimbili, kuzona obekukhona nencane kakhulu, usizo lokuqala njengoba nazo bezilimele kabi.
“Ezinye iziguli ezimbili zibe nemihuzuko engatheni, zona zinikwe usizo ngabe-EMRS,” kusho uMeyrick.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi lapho kushayisane khona izimoto ezimbili emgwaqweni uR74.
“Omunye wabebephakathi kulezi zimoto ushonele endaweni yesigameko, kwathi abanye balimala,” kusho uNetshiunda.