Kusale enkundleni isosha elilodwa lombutho wakuleli, iSouth African Defence Force (SANDF), kwalimala amanye angu-13 ngesikhathi etholana phezulu namavukelambuso, iM23, eSake, eDemocratic Republic of Congo, ngoLwesine.
I-SANDF, esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu, ithe wonke amasosha alimele ayalulama esibhedlela, iGoma.
Ithe kulimale izimoto zawo ezimbili kulesi sigameko.
“Uma yonke imininingwane mayelana namalungu ethu isiqinisekisiwe sizophinde sikhiphe eminye imininingwane futhi umndeni woshonile uzokwaziswa,” kusho iSANDF.
Amasosha akuleli ajutshwe eDRC njengengxenye yeSouthern African Development Community Mission in the Democratic Republic of Congo (SAMIDRC) ukuyosiza uhulumeni wakuleliya lizwe ukudala ukuthula nozinzo.
Ngelesihlanu isosha kakuleli ukufa kuleliya lizwe kusuka kuqale unyaka. Esigamekweni sokuqala kwafa amabili ngesikhathi kuqhunyiswa inkambi yawo.
Kwesesibili elinye ladubula uzakwabo ngesibhamu somsebenzi ngaphambi kokuzidubula life nalo.