Kufe abathathu, kwalimala abayisikhombisa ngoLwesine ngesikhathi abantu abangaziwa bevulela ngenhlamvu erenki yamatekisi engaphandle kwenxanxathela yezitolo iMidway Crossing eNewslands West.
Kwabaphangalele kukhona owesilisa obeyimenenja yamatekisi aseNewlands njengoba kule renki kulayisha amatekisi aya ezindaweni ezehlukene ezisondelene nale nxaxathela yezitolo okubalwa, iLindelani, Newlands naKwaMashu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe sekujutshwe amaphoyisa ukuthi athungathe abasolwa abadubule abathathu bashona, baphinde balimaza abayisikhombisa ababadubule bedlula ngemoto eNewlands ngoLwesine emini.
“Esisakutholile okwamanje ukuthi abagilwa bebehleli ngasohlangothini lomgwaqo uNtuzuma Express, ngaphesheya kwenxanxathela yezitolo. Kuthiwa kuqhamuke iVW Polo e-silver, ebebephakathi bavulela ngenhlamvu bebhekise kubagilwa, babulala abathathu khona endaweni yesigameko,” kwenaba uNetshiunda.
Uqhube wathi abayisikhombisa abalimele, baphuthunyiswe emtholampilo wendawo ukuze banikezwe usizo lwezempilo olusheshayo.
Uthe imbangela yokudubula ibingakaziwa okwamanje, kodwa kunezinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi ihlobene nodlame lwamatekisi.
Imenenja yenxanxathela yezitolo iMidway Crossing, uNksz Onesisa Phephetha, ithe isigameko senzeke emgwaqweni oseduze nenxanxathela, ayenzekanga ngaphakathi ngakho akakwazi ukuphawula.
Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoLwesibili kudutshulwe omunye usomatekisi kwa-J KwaMashu. Naye uhlaselwe abantu abangaziwa, abagasele esitolo sakhe esikule ndawo. Ubulawe nabanye ababili, bona ebebezozithengela okuthile esitolo. Oyedwa wabo ufele endaweni yesigameko, omunye washonela emtholampilo iPoly
Ngaphambi kwalokho Isolezwe like labika nangomunye usomatekisi odutshulwe wabulawa eMnambithi ngoLwesine olwedlule.