KUFE ababili kushayisana izimoto ngoLwesithathu ekuseni, kuthelawayeka uN2 ngaseMatigulu.
Ngokombiko othunyelwe abezimo eziphuthumayo, baphuthume kule ndawo ngemuva kokuthola umbiko ngengozi enyantisa igazi.
“Sifike kule ndawo sathola izimoto zishayisane mahlanze, ngesikhathi kuhlolwa isimo sabebehamba ngalezi zimoto, kutholakale ukuthi babili abantu abashonile,” kusho abe-IPSS Medical Rescue.
Kuthiwa babili abantu abalimele kabi kanti kubo kukhona nengane.
Bayaqhubeka notakula kule ndawo kanti ukuhamba kwezimoto kuphazamisekile.
Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo besaqhubeka notakula abalimale engozini, bathole omunye umbiko ngengozi ebandakanya imoto eyodwa eyenzeke kuwo uN2, ngakwaDukuza.
“Sithole umbiko mayelana nemoto ephaphalaze yaginqikela eceleni komgwaqo.”
Ngesikhathi befika endaweni yesigameko, bathole umshayeli esavalelekile phakathi emotweni. Abezicishamlilo bayaqhubeka nemizamo yokutakula umshayeli obonakala elimele kabi.