KUBULAWE ngokudutshulwa isikhulu senkampani yamanzi, iRand Water, esigamekweni esenzeke emcimbini wokunikelela umphakathi ngoMsombuluko ekuseni.
Ngokombiko othunyelwe yiRand Water, igama likamufi ligodliwe kuze kube wukuthi kutholwa imvume yokulisabalalisa emndenini wakhe.
Umufi uhlaselwe ehamba nozakwabo abangabaholi emkhandlini kamasipala waseGoli ohlelweni lokunikela ngezicathule zesikole. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi eZakariyya Park, eVlakfontein.
Kuso lesi sigameko, kubikwa ukuthi kukhona nomunye oshonile, imininingwane yakhe engakadalulwa kanti futhi kulimale abathathu okukhona kubo nosotshwebhu womkhandlu uSithembiso Zungu naye odubulekile. Ukulimala kukaZungu kuqinisekiswe usomlomo kamasipala ngencwadi ethunyelwe kwabezindaba.
ongusomlomo walo masipala unxuse amalungu omphakathi ukuba apheze ukukhuluma ngalesi sehlo esidlangalaleni.
IMeya yaseGoli uMnuz Kabelo Gwamanda izwakalise ukushaqeka ngokuhlaselwa kwalezi zikhulu.
UGwamanda ukhiphe isitatimende ezwakalisa ubuhlungu ngokuhlaselwa kubulawe ababili kwalimala abathathu emcimbini wokunikelela umphakathi.
Kulesi sitatimende uGwamanda ukhala ngokuqina kwezehlo zobugebengu ezibonakala zingalawuleki.