ABEZIMO eziphuthumayo babizelwe emgwaqeni uM19 ngemibiko yomuntu oshayiswe yimoto ekuseni ngo-10.
Bafike kule ndawo bathola ukuthi kube nezingozi ezimbili ezindaweni ezahlukene, ezibandakanya izimoto ezincane.
Kweyokuqala kutholakale owesifazane oneminyaka elinganiselwa ko-60 ubudala okuthiwa ushayiswe yimoto maqede yabaleka.
“Ngeshwa umphefumulo ubusuhlukene nenyama, kungekho okungenziwa abezimo zokuqala ukuhlenga impilo yakhe,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.
Isigameko sesibili senzeke buqamama nale ngozi yokuqala, ejikeni likaN2, lapho owesilisa oneminyaka eko-20 ubudala eshayiswe yimoto yohlobo lweVolkswagen Polo.
Naye utholakale esethule endaweni yesigameko.