KUSINDE ingane eneminyaka eyishumi nenye eyenza u-matric ngesikhathi kugasela abesilisa abangaziwa emndenini wakwaManqele eHluhluwe ngesonto eledlule.
Laba bafike badubula, bagenca baphinde bashisa umama wekhaya nendodakazi yakhe ngoLwesithathu ebusuku.
Lesi sigameko senzeke esigodini saseMagodlanduku, nala kungacaci ukuthi imbangela yaso yini.
UNkk Sarafina Manqele nendodakazi ebinguthisha eBhokloza Primary eMtubatuba, uMabusi Manqele, batholwe sebengumlotha.
Okhulumela umndeni, uMnuz Bhekingozi Manqele, uveze ukuthi umsindo wezibhamu awuzwa ngalobo busuku ngeke awukhohlwe.
“Ebusuku sisahleli nje, kwangena umfana wakwamakhelwane nezicabha, wathi silibele ukubanga umsindo ngomsakazo umama wakwaManqele uyadutshulwa ekhaya ngezansi nezingane. Kula nathi siphume khona, uma sithi siyasondela ekhaya isibhamu siyakhala sangakwazi ukufinyelela khona. Sithe sisalalele, sezwa iphimbo lowesifazane ekhala ethi ‘kodwa ngomama’.
“Ngemuva kwalokho, lona wesifazane bamthukile bathi ‘thula wena s**ebe’.
"Ukukhala kwakhe naye kwase kunqamuka ngemuva kokuthi isibhamu silokhu siqhumile,” kusho uManqele.
Uthe ngemuva kwesikhathi babone sekuqubuka intuthu kwase kuba nelangabi.
“Isibhamu bese sithule, sase siyasondela. Akukho ebesesingakwenza. Nabanye abantu bese bekhona. Abanye omakhelwane basitshele ukuthi ingane eneminyaka eyishumi ingeke emizini yabo igijima ithukile, idubulekile engalweni inuka nophethiloli, nokusicacele ukuthi iphume ngesamagundane yabaleka. Ibuhlungu kakhulu le nto esehlele. Asazi ngempela ukuthi isizathu salokhu yini. Siyazibuza kodwa sizoshiyela emaphoyiseni,” kuchaza yena.
Uthe umfanyana olimele uphuthunyiswe emtholampilo wase edluliselwa esibhedlela.
IMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, isigxeke kakhulu lesi sigameko yathi badabukile futhi bayazwelana nomdeni wakwaManqele.
“Lokhu kuyahambisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Sifuna ukuthi sisebenze namaphoyisa ukuthi kubanjwe laba njengoba bengabantu abahlukumezayo emphakathini. Lobu wubugebengu okumele umphakathi ubambisane ngakho ukuze kuliwe nabo. Siyanxusa ezikhulwini zamaphoyisa kuzwelonke nala esifundazweni ukuthi babambe lezi zinswelaboya,” kusho uMdaka.
Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa amacala amabili okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nelokucekela impahla.