KUPHENYWA icala lokuzama ukubulala emuva kokudutshulwa kwabaqaphi abane bendawo yokucima ukoma eGreyville, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo, iNetcare 911, uMnuz Shawn Herbst, isehlakalo senzeke endaweni yokucima ukoma esemgwaqweni uHarvey.
“Bekuyizithuba zawo10.06 ebusuku ngoMgqibelo, ngesikhathi abezimo eziphuthumayo, iNetcare 911, bebizelwa endaweni yesigameko. Bafike bathola ukuthi abesilisa abane, okukholakala ukuthi bebesebenza njengabaqaphi endaweni yokucima ukoma badutshulwe ngabebesemotweni ebidlula ngesikhathi bemile emnyango ongenela kule ndawo,” kusho uHerbst.
Uthe ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko, bathole ukuthi ababili babagilwa balimele kakhulu, kanti abanye ababili belimele okungatheni.
“Bonke abalimele banikwe usizo lokuqala endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esizimele,” kusho yena.
Uthe ayikaziwa imbangela yalokhu kudubula kanti, kulindeleke ukuthi iphenywe amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseDurban Central, abizelwe endaweni yesigameko lapho efice khona kudutshulwe abantu besilisa abane.
“Ngesikhathi efika, atshelwe ukuthi badutshulwe ngabantu ebebesemotweni engenazo izinombolo, ebihamba ngomgwaqo uHarvey, okukhona kuwo lendawo yokucima ukoma. Icala lokuzama ukubulala liphenywa ngamaphoyisa aseDurban Central,” kusho uCons Ngcobo.