BELINGAKAQEDI ngisho unyaka esikhundleni ikhansela le-IFP kuMasipala waKwaNongoma, elisocongwe kwaze kwadutshulwa nezingane zesikole ebezidlula.
UMnuz Ndukenhle Shawn Duma, waku-ward 11 eMasokaneni KwaNongoma, uthelekelwe amadoda amdubula esuka eMtuba.
Kuthiwa kuvele kwama imoto eduze kwakhe abalisa bavulela ngenhlamvu waphelela khona lapho uDuma.
UMasipala waKwaNongoma ugubuzelwe yizigameko zokubulawa kwamakhansela athelekelwa abantu ngezibhamu engazelele.
Kuthiwa uDuma ubekade elungisa imoto ebikhomba ukuba nenkingana kanti sekuzoba yithuba labahlaseli ukuthi bamthelekele ngenhlamvu.
Ngesikhathi ehlaselwa kuthiwa abebemdubula bavulele ngenhlamvu emotweni yezingane zesikole ebidlula ingahlangene nesigameko.
Kudubuleke izingane ezine kwashona eyodwa kanti silobe ezinye zilashwa esibhedlela.
UDuma ubulawa nje, ubesanda kukhethwa njengekhansela okhethweni lokuchibiyela obelungo-Ephreli nyakenye.
Ubezobe eqeda unyaka wokuqala esesikhundleni kulo nyaka.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe, uthe sebejube ithimba eliphenya amacala ezepolitiki ukuthi lithungathe abalisa abagile lo mkhuba.
UBrigadier Mathe uthe uMkhuzi wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola, uthintekile wanxusa amaphoyisa ukuthi aphuthumise uphenyo.
UMphathiswa wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, uthe ufisa abomthetho baphuthume babambe abenzi bobubi.
UHlomuka uthe udangele kakhulu nangokulimala kwezingane ezidubuleke kulesi sigameko.
Uthe lokhu kubuyisela emuva imisebenzi esiyenziwe yikomiti elizama ukudala ukuthula emaqenjini ezepolitiki.
USomlomo kaMasipala waKwaNongoma uNksz Babongile Sithole, uthe bashaqekile ngokubulawa kukaDuma ngoba ubeyindoda yokuthula.
“Ubengumuntu osemncane futhi kubonakala ukuthi ikusasa lakhe liqhakazile kwezepolitiki. Ubewumuntu onokuthula nje, kusiphathe kabi ukuzwa ngokubulawa kwakhe uMhlonishwa uDuma,’’ kusho uNksz Sithole.
Uthe kulindeleke ukuthi uDuma angcwatshwe kubo eMasokaneni, KwaNongoma ngeSonto.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kuyakhathaza ukuthi kulokhu kuqhubekile ukubulawa kosopolitiki esifundazweni.