IZINSWELABOYA ebezihlome ziyizingovolo zigqekeze amahhovisi oMnyango wezokuThutha, ukuVikelwa nokuXhunyaniswa koMphakathi zadlwengula abesifazane abathathu ebezibathumbile.
Kubikwa ukuthi isigameko senzeke eMerebank, eThekwini, entathakusa ngoMsombuluko.
Isigameko senzeka ngesikhathi izwe linomkhankaso wezinsuku ezingu-16 olwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni.
Kuvela ukuthi izigebengu zingene kula mahhovisi zahlasela onogada zathatha abesilisa zabavalela endlini eyodwa kwathi abesifazane zabavalela kwenye.
Okhulumela umnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe kusolakala ukuthi abesifazane babe sebedlwengulwa.
“Siyasigxeka lesi senzo ngoba siphazamisa ukusebenza komnyango futhi senza abasebenzi bethu behlelwe umdlandla,” kusho uNcalane.
Uqhube wathi uMphathiswa woMnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, ujube inhloko yomnyango uMnuz Siboniso Mbhele onikele endaweni yesigameko eyolumana indlebe nabasebenzi, ahlole nokuthi ziqiniswa kanjani ezokuphepha kulesi sikhungo.
UNcalane uthe bakuqaphelile ukuthi amaphoyisa alusukumele ngokuphazima kweso lolu daba futhi banethemba lokuthi bazosheshe babanjwe abasolwa.
Uqhube wathi abagilwa bathola ukunakekelwa ngokwezempilo okusezingeni eliphezulu futhi balekeleliwe ukuze bavule amacala emaphoyiseni.
“Esikholelwa kakhulu kukhona ukuthi amaphoyisa kuzomele udaba alusukumele ngokushesha ukuze kubanjwe izigilamkhuba. Sikhathazekile nangezinga lobugebengu elibhekiswe kubasebenzi bethu nasezikhungweni zethu lapho kwebiwa imishini kahulumeni futhi kulinyazwa nabasebenzi,” kusho uNcalane.
Ube esenxenxa noma ubani ongaba nolwazi emphakathini mayelana nalesi sigameko ukuba aludlulisele emaphoyiseni ukuze kuboshwe abasolwa.