Ushiye angalazi umholi we-EFF, uJulius Malema, ephuma eNkantolo yeMantshi yase-East London lapho abhekene khona necala lokuqhumisa isibhamu.
Evela namhlanje enkantolo, kugqame kakhulu ukuchithwa kwesicelo sakhe sokuba leli cala likhishwe enkantolo ngoba kalinamsebenzi walutho.
UMalema uphume enkantolo ethelwe yizibonkolo ethula inkulumo ebhekiswe kubalandeli bakhe lapho aveze khona ukunengeka kwakhe ngakubize ngokuhluleka kwemantshi.
Lo mholi usole iMantshi uTwanet Olivier ngokungabi nawo umgogodla nokuthi ithatha iziyalo kusuka ebuholini be-ANC.
“Wake wakubonaphi ukuthi imantshi imise inkantolo ngesikhathi ikhipha isinqumo ngoba ifuna ukuthatha ucingo? Yingoba wamukela ucingo oluvela kubaholi be-ANC abayiyalelayo ukuthi ithini. Akekho umuntu ohlulwa wukufunda into azibhalele yona ngokwakhe kodwa sikubonile kule mantshi isinkwankwaza uma kumele ifunde isinqumo sayo," kusho uMalema
Lo mholi uzwakalise ubuhlungu bakhe ngomsolwa wesibili kuleli cala, u-Adriaan Snyman ongunogada wakhe, ngokuthi ugqigqa inkantolo ngento engekho kanti nemantshi iyasaba ukumdedela ngoba isaba ukuthi kuzothiwa idedela umlungu ishiya omnyama ngoba kunjani?
"Kubuhlungu okomsolwa wesibili ngoba kwacala abekwe lona kaliqondakali. Isho yona imantshi ukuthi alikho icala okuthiwa ngelokunika isibhamu, likusho lokhu sekubhekwe ama-video esigameko kwangabonakala lapho enginika khona isibhamu. Yona imantshi yaguqula incwadi yamacala yabhala ukuthi ukunikezela ngesikhali noma into ethi ayibe njalo, wake walizwaphi icala elinjalo?
UMalema uthe balihlehlise ngamabomu leli cala ukuze libuyele ngoJulayi wangonyaka ozayo seluphothuliwe.
Lo mholi oqembu lakhe lilokhu liqoqe njalo abantu abanohlonze uyale kakhulu izaguga namalungu omphakathi ukuthi awazitamuzele ukudla nezingubo abazithola kwi-ANC bese bavotela i-EFF.
"Uma i-ANC ifuna ukunipha ukudla, i-KFC, izingubo zokulala nokunye, ningakuyeki kuthatheni impela, niqinise ngoba vele imali yabakhokhi bentela leyo. Anothi uma senisuthi seniyovota, niqinisekise ukuthi nivotela i-EFF."