UMHOLI we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthi abantu bakuleli kufanele babe nesibindi uma befuna ukukhipha i-ANC emandleni. UMashaba ubekhuluma eGoli, ngesikhathi ethula izingqwembe zomkhankaso weqembu lakhe njengoba kubhekwe okhethweni.
UMashaba wethule i-ActionSA ngo-2020, emuva kokulaxaza iDA eyayike yamjuba esikhundleni sobumeya. Uthe abantu bakuleli banengqayizivele yethuba lokukhipha i-ANC kulolu khetho okuyiwa kulona.
“Yibani nesibindi bakwethu nibuke engxenye, ninike abanye abantu ithuba lokuqala uhulumeni omusha. Kufanele ukhishwe uhulumeni we-ANC emandleni, lesi yisikhathi sokubhala umlando omusha wezwe,’’ kusho uMashaba.
Uqhube wathi izingqwembe zobuso bakhe zizobonakala ezweni lonke ngoba bamatasa nomkhankaso wokhetho. UMashaba usho kanjena nje, selumenyezelwe usuku lokhetho okunguMeyi 29, lapho kuzogezelwana khona.