Isinqumo sokubuyisa bonke abebexoshiwe ebandleni lamaNazaretha somholi, inkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, siletha ithemba ngozinzo kuleli bandla.
Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi uNyazilwezulu lumemezele eBuhleni, njengoba kunomhlangano kaJulayi ukuthi kube yiphutha ukuthi kuxoshwe abantu ebandleni, abanye okungaqulwanga ngisho amacala abo.
Luveze ukuthi ukuxoshwa kwabantu ebandleni lamaNazaretha kufana nokubabulala ngoba kukhona abazalelwa kuleli bandla abangazicabangi bekwenye inkolo ngaphandle kweyobuNazaretha.
Phakathi kwabantu abaxoshwa ebandleni kubalwa abefundisi okusanda kumenyezelwa ukuthi sebebuyiselwe futhi bayaqhubeka nemisebenzi yabo. Abanye yinhlalisuthi okusanda kumenyezelwa ukuthi ixoshiwe emva kophenyo okuthiwa kuvele ukuthi bekunamatulo amabi ebeliwabhekise kumholi uNyazilwezulu.
Ngasekuqaleni koyaka kwaba nabafundisi ababuyiselwe ebandleni kade bexoshiwe, bafike abangamukelwa kahle ngoba kukhona abebengazimisele ngokubahlonipha njengabefundisi.
Kuwona lo nyaka kwavela nezindaba zokuthi inkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo ike yathwala kanzima ibandla liye emhlanganweni eGoli. Kuthiwa yavinjwa ngabathile yaphuma ngesamagundane kukubi kwaze kwabakhona abashawayo.
Kuzona zonke lezi zigameko nezinye ezenzeke phambilini, uNyazilwezulu belungakaze luzwakale luphawula ngazo.
Ukuzwakala kwayo ikhuluma ngalezi zinto kubuyise ithemba kumaNazaretha njengoba iningi likholwa wukuthi udaba lulunga uma sekukhulume umholi.
Isolezwe Ngempelasonto linenkulumo okuthiwa ibikhulunywa nguNyazilwezulu eBuhleni muva nje, lukhala ngokungazwani kwenhlalisuthi nokuyikho okuholela ekutheni kuxoshwe abantu ebandleni.
“Inkinga yenu anizwani lapha ebandleni. Umuntu uthi esathi ukhuza lokhu kuvumbuke okunye. Eqinisweni inhlalisuthi ayinalo ilungelo lokuxosha abefundisi. Uma kunenkinga ekhona kumele kuhlalwe phansi ilungiswe. Noma ngabe umuntu wonile akumele ukuthi avele axoshwe ebandleni lingaqulwanga icala lakhe. Noma ngabe liquliwe kodwa akumele abantu baxoshwe kalula kanjalo ebandleni. Kunabantu abazalwa bengamaNazaretha abangayazi enye inkolo, okusuke kungukubabulala uma ubaxosha ebandleni. Njengoba kungumhlangano kaJulayi, akekho umuntu oyiNazaretha ofisa ukuba sekhaya kodwa bonke bafisa ukuba yingxenye yalo mhlangano kaJulayi. Uma umxoshe ebandleni kusuke kufana nokuthi umbulele ngoba isuke ingekho enye into ayaziyo ngaphandle kobuNazaretha. Akazi nokuthi uzophila ngani ngaphandle kwenkolo yobuNazaretha,” inkulumo okuthiwa eyoNyazi.
Kuyona lunxuse amakhosi nabafundisi ukuthi babambisane nalo ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu obexoshiwe ubuyela ebandleni.
Kuthiwa bonke abebexoshiwe ebandleni sebeqalile ukubonakala ebandleni.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe ngeke ayiphinde inkulumo yenkosi uNyazilwezulu, ngoba kusuke sekukhulume owokugcina uma kukhulume lona.
“Osekumele sikwenze ukuthi siyoshweleza enkosini uNyazilwezulu nasemakhosini nakubefundisi. Siwathukile amakhosi nabefundisi neNkosi uNyazilwezulu ngendlela esiziphethe ngayo esontweni. Noma ngabe awubanga yingxenye yomhlangano okwathathwa kuwona isinqumo sokuthi kuxoshwe abantu kodwa uma uyiNazaretha nawe unesono.
“Uma kumele kushwelezwe kusuke kudingeka wonke amaNazaretha abe yingxenye yokushweleza. Lokho kungumthetho wamaNazaretha okudingeka waziwe nangabantu abasanda kubhajadiswa ukuba ngamaNazaretha. Izinkinga ziqale ngokuthi kuthukwe amakhosi kukhulunywa izinto ezingenabufakazi kuthiwa akhombe inkosi ngezibhamu. Lelo chilo kumele ligezwe kuxoliswe nakubefundisi nasenkosini uNyazilwezulu,” kusho uMncwabe.
Uthe nokungezwani kwenhlalisuthi akakholwa ukuthi yingoba ingezwani ngempela kodwa ukushayisana kwemibono okugcina sekuholele ekutheni kuxoshwe abantu esontweni.
Uveze ukuthi lesi sinyathelo senkosi uNyazilwezulu singesibalulekile kakhulu futhi nesizokwenza kube nozinzo ebandleni. Uqhube wathi uma sekushweleziwe unxusa amaNazaretha ukuthi abuye ahlale phansi abe nokuthula akhonze uNkulunkulu, azoyibona imiphumela yokudumisa uShembe.
Ibandla lamaNazaretha linamalungu alinganiselwa ku-7 million emhlabeni. Iningi lawo likwaZulu-Natal lapho kuzinze ikomkhulu lawo, ekuPhakameni.
Isigodlo okuyisona esithathwa njengesikhulu njengamanje iseBuhleni, okuyindawo yebandla eyakhiwa ngumholi wesithathu wamaNazaretha inkosi u-Amos Kula Shembe Inyangayezulu. Inyangayezulu inguyise wenkosi uMbusi Vimbeni Shembe uThingolwenkosazana, oluzala inkosi ebusayo kumanje uMduduzi Shembe uNyazilwezulu.