KUSHONE abasolwa ngobugebengu abathathu kubo okukhona nephoyisa ngesikhathi betholele phezulu namaphoyisa eNtuzuma, eThekwini, ngeSonto.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, abasolwa kuthiwa babambe inkunzi isitolo e-Richmond ekuseni izolo. Amaphoyisa athola umkhondo wokuthi bacashe eNtuzuma, okuthe uma efika lapho kade becashe khona bavulela ngenhlanvu bebhekise emaphoyiseni, nawo aphendula ngayo.
Baphume bebaleka beqa uthango lomuzi ebebehleli kuwo amaphoyisa abajaha. Ababili basala lapho, abayisikhombisa babaleka. Ngemuva kwesikhashana, kubikwe ukuthi amaphoyisa abalandelile abafica komunye umuzi ebese becashe kuwo badubula amaphoyisa aphindisela kwafa umsolwa oyiphoyisa.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe kulaba basolwa ababili abadutshulelwe emzini wokuqala eduze koyedwa kutholakale ivesti evikela inhlamvu nekepisi lamaphoyisa nesibhamu sephoyisa ebelihambisana nezigebengu elishonile, okutholakele ukuthi lisebenza esiteshini samaphoyisa KwaMashu.
"Ngaphakathi endlini kutholakale izingubo zamaphoyisa ezehlukene esicabanga ukuthi iphoyisa yilo ebelisiza izigebengu ngazo. Imoto yaleli phoyisa okungeyona eyomsebenzi nayo itholakele kulo muzi," kuchaza uMkhwanazi.
Umuzi wokuqala abasolwa ngobugebengu abaficwe kuwo kuthiwa owomsolwa oboshelwe amacala ehlukene obugebengu, ongaphandle ngebheyili okusolakala ukuthi naye ubeyingxenye yabasolwa ababalekile.
Amaphoyisa aveze ukuthi sebebonke abasolwa bebeyisishiyagalolunye.
Ngaphandle komuzi bekugcwele umphakathi obubuka, obuthi awubonanga lutho futhi awuzwanga lutho uma ubuzwa ngamaphoyisa nezintatheli ngokwenzekile, yize amaphoyisa ethi ububukele abasolwa bebaleka.
Omunye womakhelwane obengekho ngesikhathi kudubulana amaphoyisa nabasolwa, uze wazincama wabuza kuwo amaphoyisa, omakhelwane bakhe bonke bethi abazi ukuthi kungani kuhenqiwe kungasavumelekile ukuthi adlule aye emzini wakhe.
UMkhwanazi uthe abasolwa ababili abakazi ukuthi bangobani nokuthi akhona yini amanye amacala abayamaniswa nawo.
Uthe emakhukhwini abasolwa bekukhona amavawusha ama-airtime nawokugembula okusolwa ukuthi bawathathe esitolo abasibambe inkunzi.
"Uzakwethu ubesebenza ebusuku, esikhundleni sokuthi ekuseni aye ekhaya ayolala, uhambe wayokwenza ubugebengu. Ngiphoxeke kakhulu ngalesi senzo kodwa angimzweli ngokuthi ugcine eseshona ngale ndlela. Kuyishwa ukuthi maningi amaphoyisa athinteka ezenzweni zobugebengu. Umphakathi kuba lula ukuthi uvule uma kufika iphoyisa lifake umfaniswano. Uma nawo esebandakanyeka ezenzweni ezinje kuzokwenza umphakathi ungabe usazi ukuthi uthembele kubani," kusho uMkhwanazi.