UTHEMBELE emaphoyiseni ngokubanjwa kwabasolwa umndeni wesitshudeni saseDurban University of Technology, ophikweni lwayo oluseMgungundlovu, okuthiwa sidutshulwe abebebamba inkunzi eduze kwendawo ehlala izitshudeni zale nyuvesi, eScottsville, entathakusa ngeSonto.
USinenhlanhla Dlamini (21) obenza unyaka wesibili kwiBusiness Information Management ,kuthiwa ushonele endaweni yesigameko emva kokuhlaselwa abasolwa abangaziwa babaphuca amafoni.
Udadewabo kaSinenhlanhla, uNksz Mandisa Dlamini elandisa Isolezwe, uthe umufi ubehamba neqeqebana lezitshudeni bephuma emcimbini i- All Varsity Picnic obusenkundleni yezemidlalo iHarry Gwala, ngesikhathi kuma imoto ebinesigejana sabelisa, bakhonjwa ngesibhamu.
“Kuthiwa ngesikhathi imoto ima, kwehle abasolwa babakhomba ngesibhamu babaphuca amafoni nemali abebeyiphethe. Izitshudeni bezihamba ziyidlanzana, kanti kuthe uma abasolwa sebehamba badubula babhekisa ngakubagilwa, nokuyilapho kudubuleke khona udadewethu,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi imoto isuka ngejubane iphinde yashayisa omunye umuntu wesilisa obewela umgwaqo naye oshonele endaweni yesigameko. Kuthiwa uSinenhlanhla ongowokudabuka eNtuzuma, ubehlala endaweni ehlala izitshudeni eseScottsville eMgungundlovu, kanti isigameko senzeke kusele ibangana bafike lapho behlala khona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ase-Alexandra aphenya amacala amabili okubulala.