UHOLE amaphoyisa nabekomiti elibhekele ubugebengu emphakathini ukuyokhomba ezinye izindawo aseke wagila kuzo umkhuba, umfundi (17) osolwa ngokuba umalugaju esigodini okuthiwa iseMakhoso, eMthwalume.
Kuthiwa umsolwa uvume eyokucathamela izingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi azidlwengule bese eyazibulala. Kulezi gameko kukhona nesengane eneminyaka eyisishiyagalombili, isidumbu sayo esatholwa silaxazwe ngasemfuleni sesonakele.
Lo msolwa ofunda u-Grade 9 esikoleni esisendaweni, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe izolo, kulandela isigameko esenzeke ngoLwesithathu okuyisona esimdonsele amanzi ngomsele.
Esigamekweni sangoLwesithathu, usolwa ngokuhlasela umfundi owenza u-Grade 1, ephuma esikoleni samabanga aphansi esikhona endaweni. Kusolwa ukuthi umhudulele esikhotheni wamhlubula umfaniswano wesikole abewugqokile nezimpahla zangaphansi wazama ukumdlwengula, ngaphambi kokuthi amgqeme ngetshe ekhanda amklinye, wamshiya ecabanga ukuthi ufile.
Inkantolo ilihlehlisele uMsombuluko icala, njengoba kuthiwa emva kokuthi evelile, uhole amaphoyisa eyowakhombisa lapho kwabulawelwa khona uSinethemba Ngcece (8) owayefunda u-Grade 3 eMakhoso Primary.
Isidumbu sikaSinethemba satholwa ngoSepthemba nyakenye ngabafana abebebhukuda, silahlwe emhlangeni ngasosebeni lomfula. Kwase kuphele amasonto amathathu edukile, kanti naye wayegcine ukubonakala ephuma esikoleni.
Kuthiwa eboshwa umsolwa, emva kwesigameko esenzeke ngoLwesithathu sokuhlaselwa komfundi, uzivumele yena kumalungu omphakathi alandele umkhondo kungakapheli sikhathi kuhlatshwe umkhosi. Amalungu omphakathi ambhadame ezihlalele kubo.
Uyise womgilwa elandisa Isolezwe Ngempelasonto, uthe indodakazi yakhe ihlwithwe wumsolwa sekubalwa amagxathu ingene ekhaya njengoba ubeyilandela eduze, udadewabo akazange abone lutho.
“Umhudulele endaweni eyisikhotha wamenzakalisa. Ingane iphaphame emva kwesikhashana umsolwa esehambile, yangena kwamakhelwane yopha kanzima ekhanda ingakwazi nokuphefumula. Ibihlubule njengoba umsolwa ehambe nezingubo zayo. Bayiphelezelile bangena nayo ekhaya okuyilapho okuhlatshwe khona umkhosi kuthungathwa umsolwa. Ngibonga iNkosi nabakithi ukuthi ingane yami isindile,” kusho yena.
Ukuqinisekisile ukuthi indodakazi yakhe iyelulama, wathi izoludinga usizo lokwelulekwa ngengqondo njengoba namanje isathuka izanya.
UNkk Bongekile Sithole oyiPhini likaSihlalo wenhlangano engenzi nzuzo, i-Women of Mthwalume obehola umphakathi kulandelwa umkhondo womsolwa uthe: “Siphatheke kabi singamalungu omphakathi ngezehlo okubonakala zilokhu zanda. Sisukumile namalungu esigungu abhekelele ukuphepha emphakathini salandela umkhondo. Sitholile ukuthi umsolwa ufunda esikoleni samabanga aphakeme esikhona endaweni nokuthi ubemisiwe esikoleni.
“Amacala abekwe wona awokuzama ukubulala nokudlwengula kodwa sitholile ukuthi uvumile emaphoyiseni icala lokubulawa kukaSinethemba, wathi uzokuya kokhombisa amaphoyisa lapho agila khona lo mkhuba,” usho kanje.
Amalungu omphakathi abegcwele ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi evela, abengavunyelwe ukungena ngaphakathi.
UMphathiswa woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga usigxekile lesi senzo, waqinisekisa ukuthi umgilwa nomndeni bazohlinzekwa ngosizo lokwelulekwa ngokwengqondo.