UJIKE esitokisini uMkhulumeli we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mazwi Blose, osolwa ngokubhozomela owayengumsakazi, uNgizwe Mchunu, ngesikhathi enesithangami sabezindaba ngenyanga edlule.
Usolwa ngokungena nezicabha ngesikhathi uNgizwe odume ngenkosi yamabhinca ekhuluma futhi kuqoshwa. Okuqoshiwe kuveza amadoda engena ngendluzula afika asaphaza phansi yonke into. Kubonakala owesilisa okusolwa ukuthi nguyena uBlose ezifihle ngejakhethi. Abanye abalisa babonakala bephethe izinduku.
Kuphinde kubonakale bethatha izihlalo bezisakaza begcaluza indlu yonke beshwabula, besabisa. Emuva kwalokho uNgizwe wabonakala kwi-video esekhuluma namaphoyisa okomuntu odinga usizo kuwona.
Ukuhlaselwa kukaNgizwe kusolwa ukuthi kuhlobene nomdonsiswano abenawo ne-EFF ngesikhathi ilungiselela umcimbi wokwethula izethembiso zokhetho eThekwini. UNgizwe wayesonga ngokuthi abaholi be-EFF akabafuni KwaZulu-Natal, uzobavimba.
Inkulumo kaNgizwe yathathwa njengenokucwasa ngokobuzwe ngoba wayebuye akhulume ngezindaba zobuzwe. Leyo nkulumo yagxekwa kakhulu, nabenkampani eyayimnike imoto yamephuca.
UBlose uvele eNkantolo yeMantshi eThekwini kuleli sonto wethweswa amacala, okucekela phansi impahla nokweba, wadedelwa ngesexwayiso. Kuphinde kwaboshwa abanye abalisa abathathu, oMnuz Banele Thusi (36), Bhekithemba Mvubu (41) noKhanyisani Khambule (29).
Abanye balaba balisa bathweswe icala lokushaya uNgizwe ngenhloso yokumlimaza.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi abakwaSidlodlo bababophile abamangalelwa ngamacala ehlukene.
Umdonsiswano kaNgizwe ne-EFF uqhubekile nangosuku lomcimbi wayo wokwethula izethembiso zokhetho. UNgizwe wayenomcimbi wakhe ngosuku olufanayo nowe-EFF futhi besezindaweni ezingaqhelelene kakhulu eThekwini.
Ebuzwa umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ngodaba lukaNgizwe wathi akamazi nokumazi kahle futhi umbona njengomfanyana nje omncane.
Leyo nkulumo yabonakala sengathi yamdina uNgizwe, esho khona ukuthi uMalema uzomazi kahle ngoba uhlale ethi kubantu akamazi.