Kuboshwe owesilisa (33) ngezinsolo zokudlwengula indodakazi (15) yentombi yakhe phakathi kumaMashi noJuni 2023 eSpitspunt, eMarlerekeng, eLimpopo.
Okhulumela amaphoyisa kulesiya sifundazwe uColonel Malesela Ledwaba esitatimendeni uthe, ngokolwazi abalutholile, umgilwa uze wagonyuluka ngalokhu kunina ngeSonto.
Uthe kuze ngemuva kokuthi unina nesoka bebe nengxabano eshubile ngobudlelwano babo.
“Kusolwa ukuthi umsolwa wanukubeza umgilwa kabili ngezinsuku ezahlukene. Isigameko sokuqala senzeka ngesikhathi unina eye ezitolo kwathi esesibili senzeka esemsebenzini. Ngemuva kokuthi umgilwa etshele unina, umsolwa ubalekile,” kusho uLedwaba.
Uthe amaphoyisa abikelwe ngesigameko kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula.
NgoMsombuluko umsolwa ubanjwe ecashe eLefiso.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseSiyabuswa ngoLwesine.