UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ukushayele ihlombe ukuboshwa kosolwa ngokuba ngungqondongqondo ebugebengwini bokwebiwa kwezimoto eManguzi.
Kuthiwa ngoLwesibili amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-44 eManguzi.
Umsolwa kuthiwa ubanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu, ubhekene noxhaxha lwamacala okwebiwa kwezimoto.
UHlomuka uthe ukushayela elikhulu ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa, ukubopha owesilisa.
Uthe uyawuthakasela umsebenzi wamaphoyisa ngokubopha umsolwa obefunwa uthuli ngamaphoyisa ngamacala obugebengu obenzeka emngceleni wakuleli neMozambique.
“Ukuboshwa kwalona wesilisa kuseyisiqalo nje. Maningi amathuba okuthi kusazoboshwa enye inqwaba ngamacala athinta lolu hlobo lobugebengu,” kusho uHlomuka.
Uveze ukuthi bafake izinhlelo ezihlukene zezokuphepha kuleya ndawo, ukuzama ukunqanda lolu hlobo lobugebengu.
“Sinethemba elikhulu ukuthi amaphoyisa esiwatshale kuleya ndawo, akulungele ukwenza umsebenzi okulindeleke ukuthi awenze,” kusho uHlomuka.
Kubuye kwavela nokuthi umsolwa ubevele efunwa ngamaphoyisa ngokweqa esitokisini ngo-2014.
Umsolwa bekulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseManguzi ngamacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu, awokwebilwa kwezimoto nelokweqa ejele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa (44) oweqa ejele ngo-2014.
"Uboshwe emngceleni weMozambique neNingizimu Afrika ngoLwesibili phakathi kwamabili ngecala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhalmvu, uxhaxha wamacala okwebiwa kwezimoto nelokweqa ejele," kusho uCol Netshiunda.
Ukuqinisekisile ukuthi usolwa ngokuba wungqondongqondo emacaleni okwebiwa kwezimoto abenzena eManguzi nasezindaweni eziyakhele.