LIBOSHWE ngesikhathi liphelezela ungqongqoshe iphoyisa elingumqaphi wakhe, okusolakala ukuthi lisakazwe ngebhodlela likabhiya ekhanda lalimala, engxabanweni equbuke ethaveni.
UWarrant Officer Vusumuzi Matthews Makhaza (49), oqapha uNgqongqoshe weziMali eFree State, uboshwe ngoSepthemba 28, wavela enkantolo ngoMsombuluko.
Ubekade egqunywe esiteshini samaphoyisa saseMangaung esimdedele ngesexwayiso ngaphambi kokuthi avele enkantolo ngecala lokuqhumisa isibhamu.
Okhulumela uphiko oluqapha izenzo zamaphoyisa i-Ipid, uMnuz Robbie Raburabu, uthe ukuboshwa kukaMakhaza kusukela esigamekweni okubikwa ukuthi senzeke ngoSepthemba 16 ethaveni eseKagisanong, eBloemfontein.
URaburabu udalule ukuthi iphoyisa belikade liphelezela ungqongqoshe ngesikhathi liboshwa ngabe-Ipid.
Ulandise wathi ngoSethemba 24, iphoyisa elingumsolwa, liye lapho kuhlala khona umuntu wesilisa olilimazile, ngenhloso yokuphindisela.
“Umsolwa akamficanga kodwa wabuyela kule ndawo ngosuku olufanayo kusihlwa, wazithela kowesifazane othandana nale ndoda. Owesifazane wavula umnyango ephethe ingane yakhe enezinyanga eziyisishiyagalolunye. Kwathi uma ethi nhla, wabona umsolwa ephethe isibhamu ngesandla, wavala umnyango ngokushesha ezikhiyela ngaphakathi,” kuchaza uRaburabu.
Uqhube wathi leli phoyisa kusolakala ukuthi liqhumise isibhamu lishaya umnyango ngenhloso yokungena endlini ebisivaliwe.
Kuvela ukuthi amaphoyisa abiziwe endaweni yesigameko kodwa umsolwa ubese eshaye wachitha.
Kuthiwa i-Ipid ibikelwe emuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke isehlakalo, kwase kuqala uphenyo oluholele ekuboshweni kukaMakhaza.