LIBOSHIWE iphoyisa okuthiwa lidubule labulala umuntu obekade esendleleni eyothenga ugesi egaraji eliseSomerset West, eCape Town.
Kubikwa ukuthi isigameko senzeke emgwaqweni uR44 ngabo-3 entathakusa ngoLwesibili.
Iphoyisa eliboshiwe bekulindeleke ukuthi livele eNkantolo yeMantshi yakuleya ndawo ngoLwesithathu.
Okhulumela uphiko oluqaphe izenzo zamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), uMnuz Phaladi Shuping, uthe iphoyisa libekwe amacala okungelokubulala, elokutholakala nezinhlamvu nelokushaya.
UShuping uthe kuyasolakala ukuthi abantu abane, okungabesilisa ababili nabesifazane ababili, bebekade behamba emgwaqweni uR44. Kulowo mzuzu kuthiwa kube sekuqhamuka iveni ebinamaphoyisa amabili yama eduzane kwabo.
“Amaphoyisa afune ukusesha laba abane abangazange bagoloze, abenze abebekade beyalelwe khona. Amaphoyisa aqede ukubasesha ase ebayalela ukuthi babuyele emuva emakubo,” kusho uShuping.
Kusolakala ukuthi laba bantu bachazele lawa maphoyisa ukuthi baya egaraji likaphethroli eliseduzane lapho beyothenga khona ugesi.
UShuping uthe kusolakala ukuthi amaphoyisa abengafuni nakuzwa ukuthi bachaza bathini laba bantu abebemagange ukuyothenga ugesi.
Kubikwa ukuthi iphoyisa eliboshwe yi-Ipid libe selidonsa isibhamu salo ladubula libhekise kulaba bantu, omunye wabo wadubuleka washona.