SIZOLALELWA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, isicelo sebheyili sekhehla, okuthiwa libanjwe oqotsheni ngunogada wesikole livalele izelamani zamantombazane ezincane, okuthiwa lizibhudubeze zidlula ngakwakhe ziya esikoleni.
UMnuz Philo Walton Mbambo (64) wase-Adams Mission, eThekwini, okuvele ukuthi uyinhlalisuthi kwelinye lamabandla, uvele kule nkantolo ngoMsombuluko, emva kokuthi eboshwe ngesonto eledlule ngecala lokunukubeza ngokocansi abagilwa abaneminyaka ephakathi kuka-12 no-14. Kuthiwa abagilwa bafunda kwesinye sezikole ezikhona endaweni, ubebavimba uma bedlula ngakwakhe beya esikoleni.
Bese kungokwesibili umsolwa evela kule nkantolo, kanti inqume ukulihlehlisela uMsombuluko icala abhenekene nalo ngenxa yokuthi amaphoyisa asazoyoqinisekisa ikheli lakhe.
Unina wabagilwa elandiswa Isolezwe ngokwenzeka, uthe umsolwa usebenzise ukuthi wakhe eduze kwendlela lapho edlulela esikoleni.
“Bengingakaze ngimbone, ngiqale ukuzwa nje sengibizwa esikoleni sezingane, kuthiwa angiphuthume. Angihlali nezingane ngibamba amatoho, zihlala noninakhulu. Ngesikhathi kufika isigijimi sithi ngifunwa esikoleni, ngenhlanhla ngangingasebenzi ngalolo suku, ngisekhaya,” usho kanje.
Uthe elandiswa, umsolwa ubonwe wumakhelwane oqaphele ukuthi uvalele izingane zamantombazane njengoba bese kunesikhathi zingenile endlini.
Kuthiwa umakhelwane kamsolwa uphuthume esikoleni wayobika, nebala unogada wesikole uzithele kumsolwa ebophe umgilwa izandla nezinyawo, okuvele ukuthi ubeseqedile ukunukubeza omncane esehlela ukudlulela komunye.
Uthe izingane ziveze ukuthi ubengaqali, bese kungokwesithathu, omncane selokhu emqale ngonyaka odlule kanti omdala ubesemnukubeza okwesibili. Kuthiwa ubethi abasome, abangcolise emathangeni, kwesinye isikhathi ebaphoqe bavume ashutheke isitho sakhe sangasese endaweni yokuzikhulula. Kuthiwa abagilwa ubeqale abaphoqe ukuthi babuke i-video yocansi ngaphambi kokuthi agile umkhuba
Unina wabagilwa uthe emva kokuthi umsolwa ebanjiwe ngesikhathi engakaboshwa, ufikile kubo kwabagilwa okuvela ukuthi akekho umuntu wesilisa ohlala khona, wathi abangayilaleli into eshiwo esikoleni. Kuthiwa uthe bavele othisha bayamzonda kodwa bamphebeza ngoba nodokotela wayeseqinisekisile ukuthi izingane zinukubeziwe.