UMSEBENZI wase-Eskom, nomshayeli weloli bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngezinsolo zokweba amafutha ezimoto angabiza inani likaR 1 million, esiteshini sikagesi iMatla, eMpumalanga.
USiphiwe Sindane (36) osebenza e-Eskom, nomshayeli weloli uLoveless Mabaso (41), baboshwe emuva kokuba bethathe amafutha bayowadayisela umuntu thizeni. Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi eKriel, bathweswa amacala okukhwabanisa nokweba.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe bobabili abasolwa babe sebethumela amaphepha omkokotelo bethi amafutha ayiswe ngumuntu ofanele. UBrigadier Mathe uthe umshayeli weloli uqashwe yinkampani ethola imisebenzi ngaphansi kwenye enenkontileka ne-Eskom. Kusolwa ukuthi uhlangane nomsebenzi wase-Eskom, babopha iqhinga lokushushumbisa amafutha ukuze bahlukaniselane imali.
Kuvele nokuthi bobabaili baboshwe emuva kokusungulwa kwekomiti elingagayelwa mphako eliphenyayo. Kuthiwa ithimba lasungulwa nguMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola. Lulokho lusegudwini udaba lwenkohlakalo nokukhwabanisa e-Eskom.
Kusanda kujutshwa amasosha ukuthi agade iziphehli ze-Eskom, ngenxa yokuvela kwezinsolo zokuthi kukhona izigelekeqe ezicekela phansi impahla ngamabomu bese zithola indlela yokuhlomula.