BAKHALELWE ngamasongo kaSigonyela abashayeli bamaloli ababili abatholwe namalahle okwebiwa esiteshini sikagesi eKendal, eMpumalanga. Isitatimende sabe-Eskom siveza ukuthi abashayeli ababili basebenzela inkampani thizeni enenkontileka nabo. Kuthiwa baboshwe bephuma esangweni lesiteshi sikagesi ngesikhathi abaqaphi besesha amaloli abo.
Kuthiwa ngesikhathi bemiswa banqabile ukuseshwa bathi amaloli awanalutho kodwa umqaphi waphikelela wabasesha, nangempela batholakala bethwele amalahle okwebiwa. Banikelwe emaphoyiseni esiteshi i-Ogies bathweswa amacala kanti bekulindeleke bavele enkantolo bebhekene namacala okweba impahla.
Isikhulu sezokuPhepha e-Eskom, u-Advocate Karen Pillay, uthe ukwebiwa kwamalahle kudla lubi, yinkinga ababhekene nayo kakhulu. Uthe bazoqhubeka nokubopha izigilamkhuba ezeba amalahle ukuze zibhekane nengalo yomthetho.