ITHEKU livakashelwe yizinkumbi zezivakashi ngamaholidi okuphela konyaka, nakuba lisalungisa umonakalo wezikhukhula nezibhelu zokutapa ngo-2021.
Lokhu kushiwo nguMnuz Nkosenhle Madlala, obambe isikhundla sokuba yiMeya yeTheku.
UMadlala uthe izinkumbi zezivakashi ziqhamuka ezifundazweni, okubalwa kuzona iGauteng, Mpumalanga, Free State nezinye.
“Ukuba khona kwezivakashi ezingaka kuwubufakazi kwesihlale sikusho, ukuthi iTheku linezinkumbi zezivakashi. Lokhu kwenzeka nje siphuma ezikhukhuleni, iCovid-19 nezibhelu zangoJulayi,” kusho uMadlala.
UMadlala osesigungwini esilawula umasipala futhi ongusihlalo wekomiti lezokuBusa noMnyango waBasebenzi emkhandlwini, ubonge izivakashi ezitheleke eThekwini ngamaholidi okuphela konyaka.
Uthe okwamanje abakabi nazo izibalo eziphelele ngezivakashi abazisingathile nemali eyenziwe wumkhandlu.
“Kunethimba elizimele okuyilona eliqale lisinikeze lezi zibalo. Ngokocwaningo lwangaphakathi kumasipala, iTheku lenze kangcono kunalokhu obekulindelekile,” kusho uMadlala.
Uveze nokuthi sehlile isibalo sabantu abahambele amabhishi yize izivakashi zikhethe ukugcwala emahhotela nakwezinye izindawo zokuzithokozisa.
Ubuye waveza ukuthi bazowuvikela enkantolo umasipala ofakwe yiqembu lezepolitiki i-ActionSA.
“Kuyilungelo layo i-ActionSA ukusifaka enkantolo futhi sikulungele ukubhekana nayo khona. Abakwenzayo sikubona njengomdlalo wepolitiki nje, okuyinto ezovela ekugcineni. Basebenzisa isimo esibhekene nomasipala ukuzizuzisa bona ngokwepolitiki,” kusho uMadlala.
NgoNovemba ngonyaka odlule, i-ActionSA KwaZuluNatal ifake enkantolo umasipala ngodaba lwendle egelezela emifuleni, igcine iphelele olwandle, okuholele ekutheni kuvalwe amanye amabhishi.
Usihlalo we-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango ubehleli egqugquzela ukuthi kuvalwe amabhishi ngoba akuphephile ukubhukuda khona, ethi abantu bazogula.
UMncwango uthe umasipala unelungelo lokuphendula amaphepha abo enkantolo.
“Thina salubeka uhlangothi lwethu. Uma bephikisa, abakwenze lokho. Kuyize leze kubona ukuphikisa kwabo ngoba emaphepheni ethu sicela iminyango kahulumeni kazwelonke, ukuthi mayisondele izolekelela iTheku futhi ilinike nemali yokulungisa ingqalasizinda. Uma eThekwini bephikisana nalokhu, kusho ukuthi abalufuni usizo lukahulumeni kazwelonke,” kusho uMncwango.