KUBE ngenyantisa igazi ingozi eyenzeke kuN1 eMakhado, eLimpopo, lapho kutholane phezulu ibhasi ebelilayishe abantu nemoto yemali.
Kuthiwa imoto yemali ibizama ukudlula ezinye izimoto ngesikhathi ishayisana nebhasi. Ibhasi ligingqike layowela emfuleni, imoto yemali yona yabhajwa eceleni komgwaqo.
Abezimo eziphuthumayo baqinisekise ukuthi bangu-20 abantu abashonile, kanti abalimele bangu-68.
Izidumbu ezintathu zabashonile zitholwe emgwaqweni kwathi ezingu-16 zatholwa emfuleni lapho eliphelele khona ibhasi, libheke phezulu. Oyedwa ushonele esibhedlela ngesikhathi abangu-68 bephuthunyiswe esibhedlela.
Kuphoqeleke ukuba kuvalwe umgwaqo ukuze amaphoyisa, abatakuli nabezimo eziphuthumayo basebenze kahle nebhasi lidonswe lapho elikhalakathele khona ngogandaganda ofanelekile.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uFlorence Radzilani, uzwakalise ukwethuka nobuhlungu ngale ngozi eyenzeke ngoMsombuluko ebusuku yadlula nemiphefumulo engu-20.
Umnyango wezokuThutha uveze ukuthi leli bhasi belithwele abantu abasuka eMakhado bebheke ezindaweni ezifana neNdzhelele, Siloam neTshikombani esifundeni iVhembe.